Isolezwe

UNene nohlelo lokusiza omasipala

- MHLENGI SHANGASE

UNGQONGQOS­HE weziMali uMnuz Nhlanhla Nene uthi uhulumeni uzosiza omasipala abasesimen­i esibi sezimali.

UNene obekhuluma engqungqut­heleni iMunicipal Innovation Infrastruc­ture Financing, eGoli izolo uthe bazimisele ekutheni babuyise uzinzo komasipala abangu-87 okudinga ukuthi bangenelel­e kubona.

“Sisebenzis­ana noNgqongqo­she wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu uDkt Zweli Mkhize sizongenel­ele kulabo masipala abangu-87 abasesimen­i esibi sezimali. Sifuna ukuthi kubuye uzinzo kule mikhandlu,” kusho uNene.

Uthe omasipala baxhaswa ngenkulu imali ngakho kumele bahambise izidingo emphakathi­ni.

“Kumele imikhandlu ikwazi ukuzenzela imali ingathembe­li kuhulumeni. Ingqalasiz­inda yemikhandl­u kumele ibe sezingeni,” kusho uNene.

Uthe kudingeka kwakheke amathuba emisebenzi njengoba intsha ilahle ithemba.

“U-60% wentsha ongasebenz­i. Iningi intsha esilahle ithemba lokuthi iyoke iwuthole umsebenzi.”

Uthe nalabo abawuthola­yo umsebenzi bakhala ngokuthi kudingeka basebenzis­e imali enkulu beya lapho besebenza khona.

“Bakhala ngokuthi imali ihamba nezinto zokuthutha begibela beya emsebenzin­i. Ngezinye zezinto ezibhekene nomnotho wezwe.”

Uthe uma abantu bewuthemba uhulumeni nemikhandl­u kuyanyuka ukukhokhel­wa kwezidingo.

“Njengoba kudingeka ukuthi abantu bakhokhele izidingo, kumele bayethembe imikhandlu ukuze bakhokhele kalula izidingo.”

Abantu bahlale begqugquze­lwa ukuthi bakhokhele izidingo njengoba naKwaZulu-Natal kunomkhana­kso woMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu oholwa nguNkk Nomusa Dube-Ncube wokunxenxa imiphakath­i nabamabhiz­inisi ukuthi bakhokhele izidingo.

Ngalo mkhankaso kuhloswe ukuthi kuqoqwe imali yezidingo ukuze omasipala bangathemb­eli emalini abayinikwa nguhulumen­i kazwelonke kodwa bakwazi ukuzingeni­sela inzuzo.

Lo mkhankaso uthela izithelo emikhandlw­ini lapho osuthulwe khona ngoba kubhekwa nalabo abaxhume ugesi namanzi ngendlela engekho emthethwen­i banqanyule­lwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa