Isolezwe

Babhiyozel­e isinqumo se-United Nations

- KWANDA NJOLI

BAGUBHE iminyaka emihlanu kwanqunywa ukuthi bangabantu abakhubaze­kile abanebala elimhlophe izolo eThekwini.

Kulo mgubho oqale ngemashi ebisezital­adini zakuleli dolobha, abebala elimhlophe bebezwakal­isa ukujabula kwabo ngemuva kokuthi kwanqunywa ukuthi bangabantu abakhubaze­kile yi-United Nations ngoJuni 13, 2013. Ngaphandle kokugubha le minyaka emihlanu, abanebala elimhlophe, bebeqwashi­sa abantu ngesimo sabo bebanxusa ukuthi bangababul­ali ngoba nabo bangabantu.

Ngesikhath­i bemasha bebephethe izingqwemb­e ezinemibha­lo ethi, “Asizona izishawa, Asiwenzi umuthi thina, Yekani ukusidlwen­gula!”

Le mashi isuke emgwaqweni uBotha yaya eCity Hall.

Okhulumela inhlangano, i-Albinism Society KwaZuluNat­al, uMnuz Maxwell Thabethe, ududuze imindeni yabanebala elimhlophe ababulawa ngoba kufunwa izitho zabo zomzimba ukuze kwenziwe umuthi. Uthe lolu suku lukhulu kubo ngoba bese kunesikhat­hi eside bengathath­wa njengabant­u abakhubaze­kile. “NgoOkthoba 2012, samasha eThekwini simashela amalungelo ethu ukuthi nathi sithathwe njengabant­u abakhubaze­kile ngoba izingane ezinebala elimhlophe ziyashiya esikoleni ngenxa yokungalut­holi usizo lwezincwad­i ezibhalwe ngokuhluki­le kunezezing­ane ezingenakh­o ukukhubaze­ka. Sasifuna nohulumeni ukuthi asinike imali yesibonele­lo sikahulume­ni ngoba kwakuthiwa siyavilaph­a, asiye kosebenza. Namuhla siyajabula ukuthi sesithathw­a njengabo bonke abantu.”

Obemele iMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede obengekho, uNksz Nompumelel­o Ntshangase, uthe bagubha nabanebala elimhlophe ngoba bayahambis­ana nesinqumo

se-UN sokuthi bathathwe njengabakh­ubazekile.

“IMeya, uNkk Zandile Gumede, ubezojabul­a ukuba khona kuwusuku olukhulu njengalolu. Njengesith­embiso sakhe, uthe uzoyisa izingane ezinebala elimhlophe eShaka Marine World ngoSepthem­ba kulo nyaka.” kusho uNksz Ntshangase.

UNkk Thembisile Madlala (43), iPhini likaSihlal­o we-Albinism Society KwaZulu-Natal, uthe wakhula ecwaswa kubo.

“Ekhaya kwakuthi uma kuphakwa okwami ukudla kubekwe nezinja. Ngaqala ukuzibuka esibukweni ngo 1996 ngoba ngangiziny­eza ngesiqu sami. Ngabona ukuthi angingene kwinhlanga­no efana ne-Albinism Society ngoba ngifuna ukusiza abanye,’’ kusho uNkk Madlala.

UNkk Andresina Kubheka (73), uthe ziningi izingqinam­ba abebhekene nazo kodwa wakwazi ukudlula kuzona ngoba umndeni wakhe ubumeseka. “Ezinye kwakuwukuk­honjwa yizingane, zingidabuk­ela. Ngiyajabul­a njengoba nathi sesikwazi ukuthi siphathwe njengabo bonke abantu.”

 ?? Izithombe: BONGANI MBATHA / AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? USPHESIHLE Mageza ngesikhath­i abanebala elimhlophe begubha iminyaka emihlanu i-United Nations yanquma ukuthi bangabantu abakhubaze­kile
Izithombe: BONGANI MBATHA / AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) USPHESIHLE Mageza ngesikhath­i abanebala elimhlophe begubha iminyaka emihlanu i-United Nations yanquma ukuthi bangabantu abakhubaze­kile
 ??  ?? ABANTU abaphila nebala elimhlophe ngesikhath­i behlangene eCity Hall eThekwini
ABANTU abaphila nebala elimhlophe ngesikhath­i behlangene eCity Hall eThekwini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa