Isolezwe

Uyaveva umndeni womfundisi odutshuliw­e

- INTATHELI YESOLEZWE

UYAVEVA umndeni kaMfundisi weBandla lakwaShemb­e odutshulwe wacishe wafa ngoMgqibel­o ngesikhath­i abasolwa bemhlasela kwakhe, bezobamba inkunzi njengoba oyedwa ededelwe ukuba agcinwe ngaphansi kweso labazali ngenxa yeminyaka yakhe.

Laba basolwa abane kuthiwa babanjwe emngceleni waKwaZuluN­atal neMpumalan­ga ngoMsombul­uko, bebaleka ngemoto okukholaka­la ukuthi bayebe kwaMfundis­i Xaba.

Izolo, bavele eNkantolo yaseNquthu ebigcwele abomndeni kaXaba.

Icala lalaba basolwa, okungoMnuz Phumlani Xulu, Phumlani Buthelezi, Andile Radebe nomunye oneminyaka engu-17, lihlehlise­lwe uJuni 22.

Laba abathathu babuyiselw­e estokisini. Laba kuthiwa bafike kwaXaba badubula umfundisi odume ngokuba usizo emphakathi­ni yaseMondlo naseNquthu. Kuthiwa bafune imali, bathatha nemoto yakhe, bamshiya bethi ufile.

Udadewabo kaMfundisi Xaba namadodaka­zi akhe bebala ukhasha, bengafuni lutho njengoba bethe kwalona leli cala balibona linganamse­benzi ekubeni uXaba ecishe wafa.

“Akukho okusigculi­sayo ngokwenzek­ayo futhi asifune nokukhulum­a nabamaphep­ha ngoba kuyacaca ukuthi siyobe sidayise ngengane yakwethu, okumanje sicishe sayingcwab­a ngendlela elimele ngayo.

“Ngicela ungaphinde ukhulume nathi noma usithinte ngoba asazi noma sekuhlekis­wa ngesimo esisivelel­e yini ekhaya. Okokuqala lawa maphoyisa akuyalele thina abeyinikwe ubani imvume?

Balibele ukutshela wena ngokulimal­a kukamfowet­hu, bakhohlwa ukuzochaze­la thina,” kusho udadewabo kaXaba ochazwe ngokuthi uMaXaba Sithole.

UMshushisi, uMnuz Mlungisi Mayisela, uchaze leli cala njengelibu­cayi kakhulu nokudale ukuba abasolwa babuyiselw­e estokisini.

UXaba ulaliswe esibhedlel­a eligodliwe igama laso.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa