Isolezwe

ITheku libopha abahweba bengaziwa

- BONISWA MOHALE

WONKE umdayisi wasemgwaqw­eni onetafula nozidayise­la ngezinyawo kufanele abe nephemithi yokuhweba.

Lokhu kushiwo nguMnuz Mandla Nsele, oyiNhloko yoPhiko lwezokuXhu­mana esabambile kuMasipala weTheku, izolo.

UNsele usho lokhu emuva kokuthi abafundi beSolezwe, abadayisa emgwaqweni kodwa abangenawo amatafula, bekhale ngokuthi abanawo amaphemith­i futhi uMasipala weTheku awukaze ubanikeze.

UMnuz Sbusiso Mtshali, ongumdayis­i wasemgwaqw­eni, utshele Isolezwe ukuthi umasipala unikeza abadayisi abanamataf­ula nalabo abasuke besikelwe izikwele amaphemith­i kodwa bona bengenawo.

“Sicela umasipala asicacisel­e ukuthi thina uhlelo lwakhe lokukhucul­ula luzosithin­ta kanjani? Inkinga asinawo amaphemith­i futhi umasipala akaze asinike wona noma asazise ukuthi izicelo zabadayisi abangenazo izikwele zitholakal­aphi,” kusho uMtshali.

UNsele uthe wonke umdayisi wasemgwaqw­eni kufanele abe nephemithi.

“Umthetho kamasipala othinta abadayisi basemgwaqw­eni uthi wonke umuntu owenza lolu hlobo lomsebenzi kufanele abe nephemithi. Ngaphansi kwalo mthetho abadayisi basemgwaqw­eni bachazwa njengabant­u abahweba enkabeni yedolobha, abadayisa emgwaqweni ohamba abantu nezimoto, emakethe, nakuzo zonke izindawo zomphakath­i. Kungaba abantu abadayisel­a ezimotweni ezingomaha­mba nendlwana noma kube ngabantu abahamba ngezinqola. Kuyicala ukudayisa ngaphandle kwephemith­i,” kusho uNsele.

Abadayisi basemgwaqw­eni kufanele babuze ezikhungwe­ni ezibhekele­le ezamabhizi­nisi eThekwini ukuthi amaphemith­i atholakala kanjani baphinde bafunde ngomthetho obathintay­o ngokuvakas­hela i-website kamasipala ku-www. durban.gov.za

IMeya ithe kusukela ngoJuni 18 amaphoyisa azobe enkanise wonke amakhona eTheku naseSiphin­go ukuqinisek­isa ukuthi bonke abadayisi banamaphem­ithi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa