Isolezwe

Afuna akhishwe ehhovisi uMvikeli

- SIYABONGA MKHWANAZI

UMVIKELI woMphakath­i u-Adv Busisiwe Mkhwebane uxolelwe okwamanje emuva kokungavel­i phambi kwamalungu ePhalamend­e. Izolo aludingidw­anga udaba lokuthi kufanele yini abe sehhovisi lakhe.

Izolo, amalungu ePhalamend­e ekomiti lezobulung­iswa athe u-Adv Mkhwebane uzonikwa isikhathi esifanele ukuthi aziphendul­ele ngokwenzek­a ehhovisi lakhe.

Amalungu eDA, EFF ne-ACDP abefuna kuphenywe u-Adv Mkhwebane ukuthi ukufanele yini ukuba sehhovisi lakhe kodwa amalungu e-ANC athe kufanele kulindwe izinyanga ezimbalwa.

USihlalo wekomiti uDkt Mathole Motshekga uthe uzonikeza u-Adv Mkhwebane ithuba lokuthi aziphendul­ele kwizinsolo azibekwa yiDA.

USotswebhu weDA, uMnuz John Steenhuise­n uthe bafuna u-Adv Mkhwebane aphume ehhovisi lakhe ngoba ukhombisa ukungawazi kahle umthetho futhi uhlale ehlulwa njalo uma efake amacala enkantolo.

Amaqembu aphikisayo axwayise i-ANC ngokuthi uma ihluleka wukuphenya u-Adv Mkhwebane kuyosho ukuthi iPhalamend­e aliwenzi kahle umsebenzi walo.

UMnuz Steve Swart we-ACDP uthe akufanele kuyekwe abantu abangawula­ndeli umthetho njengoba kwenzeka odabeni lwaseNkand­la.

UMnuz Thilivhali Mulaudzi we-EFF uthe bafuna kube nophenyo ngo-Adv Mkhwebane maduze ngoba uphula umthetho.

“Kufanele ngiphathe wonke umuntu ngendlela efanayo, ngimnikeze ithuba lokuziphen­dulela no-Adv Mkhwebane angikwazi ukuthatha isinqumo engakaphen­duli,” kusho uMotshekga.

U-Adv Mkhwebane utshele izintathel­i ukuthi ikomiti linelungel­o lokuthatha isinqumo ngaye.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa