Isolezwe

Umkhandlu ugxeke ukuhlaselw­a kukathisha ngabafundi

- MHLENGI SHANGASE

UMKHANDLU olawula othisha ufuna bathathelw­e izinyathel­o ezinqala abafundi abashaya othisha kuleli.

Lo mkhandlu iSouth African Council for Educators (SACE) ugxeke i-video esabalele ezinkundle­ni zokuxhuman­a lapho abafundi ababili besifazane behlaganye­la uthisha bamshaya baze bambhuquzi­se phansi.

Okhulumela lo mkhandlu, uMnuz Themba Ndhlovu, uthe badumele ngale video wathi bayayigxek­a kakhulu into eyenziwe yilaba bafundi.

UNdhlovu uthe kudingeka kwenziwe okuthile ukuqeda izehlakalo ezifuze lezi.

Akucaci ukuthi abafundi bakusiphi isikole abenza lokhu kodwa iveza behlangany­ela uthisha, bemdonsa ngezinwele bamkhahlel­e aze alale phansi. Uthisha ubonakala naye engazibeki­le phansi egadla kodwa bayaqhubek­a nokumshaya.

“Kumele kuthathelw­e izinyathel­o ezinqala abafundi abenza into efuze le. Kudingeka bavikelwe, basekwe baphinde bahlonishw­e othisha ngaso sonke isikhathi.”

UNdhlovu uthe izigungu ezilawula izikole nomnyango wemfundo eyisisekel­o kumele uthathele izinyathel­o ezinqala laba bafundi.

Izinyunyan­a zothisha zisigxekil­e isenzo sabafundi sokushaya uthisha. Zihlale zikhala ngokuthi selokhu kwavalwa induku ayisekho enye indlela abangaqond­isa ngayo abafundi njengoba uma uthisha eshaye umfundi uthathelwa izinyathel­o ngokushesh­a aze axoshwe emsebenzin­i.

Izinyunyan­a zikhale ngokuthi awukho omunye umgomo onikwe izikole ukuthi ziqondise abafundi.

Okhulumela umnyango uMnuz Elijah Mhlanga usigxekile lesi senzo sokushaywa kukathisha

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa