Makuvotelwe amakhansela aqotho
KUSAZOBA nzima ukuhambisa ngempulelo intuthuko kubantu ngenxa yokuziphatha kwamakhansela nezinye iziphathimandla. Imibiko yamakhansela abandanyeka ebugebengwini aze aboshwe kayitheli nje kuphela ihlazo lelo khansela neqembu lalo kepha iyakhathaza njengoba kuba nomthelela ekuhanjisweni kwentuthuko.
Udaba esibike ngalo lwekhansela le-IFP KwaNongoma elidonsa isigwebo seminyaka eyisithupha ngecala lokweba imfuyo luyisibonelo salokhu esikhala ngakho.
Embikweni wethu kuvele ukuthi leli khansela osekuphele amasonto amathathu liboshiwe, ukuboshwa kwalo akubikwanga kwikhomishini eyengamela ukhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC).
Ingabikeliwe ne-IEC nje, noSomlomo woMkhandlu KwaNongoma uthe bebengazi ukuthi leli khansela liboshiwe yingakho bebengakayibikeli
i-IEC ukuze kwenziwe ukhetho lokuchibiyela, likhishwe nasemabhukwini obukhansela.
Ngokomthetho uma ikhansela ligwetshwe isikhathi esingaphezu konyaka, liyakhishwa ohlwini lwamakhansela ebese kuhlelwa ukhetho lokuchibiyela.
Siyazibuza-ke ukuthi njengoba sekuze kwacishe kwaphela inyanga iwadi ingenalo ikhansela ingabe kusetshenzwa kanjani kulo masipala?
Zona izidingo zomphakathi zibhekelelwe ngubani njengoba umkhandlu uthi ubungazi ukuthi kunekhansela eliboshiwe?
Akulona lodwa leli khansela eliboshiwe KwaZulu-Natal, naseMthonjaneni kuboshwe ikhansela le-ANC ngecala elifanayo, lokweba imfuyo nosekuholele ekutheni ngoJuni 30 kube nokhetho lokuchibiyela ewadini lalo.
Ngenxa yaleli hlazo lokuboshwa kwabaholi bomphakathi, kumele umphakathi ufunde isifundo sokubhekisisa umuntu abamvotelayo ekubeni yikhansela.
Akusizi ukukhetha umuntu ukuthi ahole umphakathi kodwa yena enze ihlazo lobugebengu.
Ikhansela kumele ngumuntu oqotho ozolwa nobugebengu emphakathini, hhayi ukubenza.
Akuyekwe ukuvotela abantu ngokwamakhempu athize kepha abubhekwe nobuqotho babo.