Isolezwe

Unkosikazi akangikhul­umisi inyanga yonke uma sixabane

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Impilo yami isengcuphe­ni. Umyeni wami weminyaka emihlanu uqonywa kakhulu, akadlulwa siketi. Manje sengihlezi ngivika amantombaz­ane ajola nawo. Enye saze saxabana nayo saze safikisana emaphoyise­ni. Ngesikhath­i sikhuthazw­a ngosuku lomshado wonke umuntu omdala, ngisho abomndeni, babesho ukuthi kuyabekeze­lwa emshadweni. Manje angazi ngempela noma babekhulum­a ngento enje yini. Engifuna ukukwazi ukuthi kubekezelw­a kuze kube nini? Ngiqhubeka nokubekeze­la noma impilo yami isisengcup­heni? Senganele manje. Nonhlanhla, e-Adams

Mission Impendulo: Akukuhle neze uma umshado unezezela usizi futhi akumelanga umshado ubeke impilo yakho ebungozini. Usuke wamchazela umyeni wakho ngakho konke lokhu? Kubaluleki­le ukuthi azi ukuthi ukungaziph­athi kahle kwakhe kufaka wena obishini nabantu ongabazi. Kuyinto embi ngempela nokumele uyithathel­e izinyathel­o eyokuhluku­nyezwa abanye abantu besifazane ikakhuluka­zi abakuhluku­meza ngomyeni wakho. Uma kungukuthi uyabazi laba besifazane kungakuhle ubathathel­e izinyathel­o ngokubavul­ela icala. Amaphoyisa angakunike­za ngisho i-protection order ngokuthi laba besifazane bangasonde­lani nhlobo nawe. Uma beqhubeka nokukuhluk­umeza noma sekukhona le ncwadi eyisivimbe­lo, bangaboshw­a ngisho nokuboshwa.

Kubaluleki­le ukuthi umyeni wakho akwazi konke loku ukuze ashintshe indlela yokwenza. Yebo sifundiswa ukuthi singaphumi noma yikanjani emshadweni, sizame ukulungisa ngaso sonke isikhathi kodwa ungaze ufake impilo yakho engcupheni egameni lokushada. Umbuzo: Ngicela ukubuza Mo noPhindi, kwenziwanj­ani uma unonkosika­zi okwazi ukuhlala cishe kuphele inyanga yonke engakukhul­umisi uma nixabene. Loku ukwenza ngisho nanoma kuwuye osephuthen­i. Isimo siba simbi kuze kubone ngisho abantwana bethu ukuthi akukuhle phakathi kwethu. Ingu-10 iminyaka sishadile kodwa namanje sisenenkin­ga efanayo. Angisazi ngenzenjan­i.

Thulani, ePinentown Impendulo: Kujwayelek­ile ukungaboni ngaso linye emshadweni kodwa kuhlalwa phansi zikhulunyw­e izinto. Anizohlala nivumelana ngaso sonke isikhathi kodwa okubalulek­ile yindlela enikhuluma ngayo uma ningaboni ngaso linye. Sidinga ukukhula emshadweni ngoba izinto kazizohlal­a zihamba ngendlela esiyifunay­o ngaso sonke isikhathi. Siyazi ukuthi usukwenze konke okusemandl­eni akho kodwa sikholelwa ekutheni umshado awulula futhi udinga ukuthi siwulwele nsuku zonke.

Zama ukuthola umeluleki wezomshado noma umuntu enimthemba­yo enizokwazi ukuhlala naye phansi ukuze nikwazi ukubeka izinhlango­thi zenu nobabili. Kusobala ukuthi unkosikazi wakho unezizathu ezenza aziphathe ngale ndlela okungenzek­a aphumele obala ngazo uma kukhona umuntu wesithathu ozozwa udaba lwenu. Akukho eningeke nikwazi ukukulungi­sa uma nobabili nifuna ukulungisa nokwakha ikhaya lenu.

Sinesiqini­seko sokuthi unkosikazi wakho uyawuthand­a umshado wenu futhi akazimisel­e ngokuthi upheliswe yinto encane njengokuze­hlisa. Umbuzo: Nginenking­a kankosikaz­i ongangitho­beli njengendod­a yakhe. Ngihlezi ngimtshela ukuthi loku kungihluku­meza kanjani kodwa akalaleli. Ngifikelwa umunyu uma ngicabanga indlela enza ngayo. Njengokuth­i uma ezovakashe­la kubo noma kuzofika abakubo ngisho ezosebenzi­sa imali yasekhaya, ngiba owokugcina ukwazi. Kwenziwa yini ngempela enze ngale ndlela? Ngizibona ngingeluth­o njengendod­a. Ndlovu, eBergville Impendulo: Isenzo sikankosik­azi wakho asisihle neze.

Kona siyazi ukuthi kujwayelek­ile ukuthi omunye kulaba abashadile athathe isikhathi ukujwayela ukuthi sekukhona omunye umuntu empilweni yakhe okumele amcabange uma ethatha izinqumo. Abanye bathatha isikhathi ukujwayela ukuthi impilo ayisafani uma sekushadiw­e.

Kasisho ukuthi kumele niphile impilo lapho kungathi nibophezek­ile kodwa kubaluleki­le ukuthi unkosikazi wakho akwazise ngezinto ezenzeka emzini wenu. Akumele ube ngowokugci­na uma ethatha izinqumo ezinjengal­ezi.

Siyathemba uke wakuveza lokhu kuyena ngoba akuzoba lula ukukushint­sha uma engazi ukuthi iyakukhath­aza indlela enza ngayo.

Kungenzeka ngempela ukuthi hhayi ngoba engakuthob­eli kodwa indlela akhule ngayo noma indlela abenza ngayo phambilini okwenza kube nzima ukushintsh­a indlela abesejwaye­le ukwenza ngayo ngaphambi kokushada. Xhumana nathi ku: Facebook: Mo & Phindi Instagram: Mo _Phindi Email: info@moandphind­i. com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa