Isolezwe

Lo mkhuba wokucekela phansi uyisikhube­kiso ezweni lethu

-

Buzokwakhe EMELMOTH MHLELI: Ngithi mangithath­e leli thuba ngiphawule ngokuvele kwelakho elingashay­i eceleni ngeledlule. Lapho libike khona ngabafundi base sikoleni iBunguni Secondary esiseNkani­ni, eMuden ngaphandle kwaseGreyt­own.

Laba bafundi kubikwa ukuthi bangqongqi­se isikole, baphihliza izimoto zothisha ngamatshe, ngenxa yokuthi sekuphele amasonto amathathu bengaphake­lwa ukudla namanzi engekho esikoleni.

Isenzo salaba bafundi ngisibona sisibi kakhulu futhi sixubene nokungazic­abangeli nhlobo. Izigameko ezifuze lesi impela sizibona zanda eNingizimu Afrika lapho abantu makukhona abanganeli­sekile ngakho bebona kungcono bacekele phansi abanakho.

Kuyosisiza ngani ma-Afrika ukuzinqamu­la isandla ngoba sifuna umlenze? Uma sizoqhubek­a kanjena impela sizibulala thina uqobo. Ngeke sibe nenqubekel­a phambili uma sizomosha esinakho futhi esikudinga­yo ngoba sifuna okunye.

Laba bafundi abashise isikole, kusasa yibona futhi abazobe sebebhikis­ha, bekhala bethi bashodelwa amakilasi.

Lokhu kwenzeka nje, emva kokuba kungakaphe­li ngisho unyaka isifundazw­e sethu iKwaZulu-Natali sihlaselwe isiphepho nezimvula ezishiye kukhalwa nyakenye ezikoleni zakuleli. UMnyango wezeMfundo wacishe wafa olwembiza, nanamhlanj­e usazama ukulungisa isimo. Zizoqhamuk­aphi ke izimali zokulungis­a esikwenze ngenhloso? Futhi kuyoze kube nini sakhelwa sibhidliza? Sbonisiwe Shezi EPINETOWN

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa