Sicela abaculi bendawo yethu emicimbini
MHLELI: Ngiyafisa ukubabona abaculi baseMelmoth emicimbini esuke ihlelwe uMasipala wethu uMthonjaneni.
Akekho umculi ongathandi ukuyodlalela abantu bangakubo. Angisho ukuthi abaculi bangaphandle koMthonjaneni abangabizwa emicimbini kamasipala kodwa phela nabendawo singathokoza ukubabona ukuze sibazi kangcono sithenge nomculo wabo ezitolo ngoba sesike sababona bedlala phambi komphakathi wangakubo.
Nginesiqiniseko sokuthi baningi abantu baseMthonjaneni abangabazi abaculi bakule ndawo ngenxa yokuthi umasipala wabo awubaniki ithuba endaweni yabo nasemphakathini abawakhele.
Bakhona abaculi eMelmoth wukuthi nje abanakiwe ikakhulukazi umasipala wabo uMthonjaneni. Ujika ulande abaculi bale kude laba bendawo ubayeke. Bazothuthuka kanjani emculweni baziwe kanjani endaweni yangakubo?
Ngifisa ukuthi incwadi yami ibonwe omunye wezikhulu eziphethe eMthonjaneni mhlawumbe kungake kube khona ushintsho. Siyabathanda abaculi bakithi eMthonjaneni.