Isolezwe

Sicela abaculi bendawo yethu emicimbini

-

MHLELI: Ngiyafisa ukubabona abaculi baseMelmot­h emicimbini esuke ihlelwe uMasipala wethu uMthonjane­ni.

Akekho umculi ongathandi ukuyodlale­la abantu bangakubo. Angisho ukuthi abaculi bangaphand­le koMthonjan­eni abangabizw­a emicimbini kamasipala kodwa phela nabendawo singathoko­za ukubabona ukuze sibazi kangcono sithenge nomculo wabo ezitolo ngoba sesike sababona bedlala phambi komphakath­i wangakubo.

Nginesiqin­iseko sokuthi baningi abantu baseMthonj­aneni abangabazi abaculi bakule ndawo ngenxa yokuthi umasipala wabo awubaniki ithuba endaweni yabo nasemphaka­thini abawakhele.

Bakhona abaculi eMelmoth wukuthi nje abanakiwe ikakhuluka­zi umasipala wabo uMthonjane­ni. Ujika ulande abaculi bale kude laba bendawo ubayeke. Bazothuthu­ka kanjani emculweni baziwe kanjani endaweni yangakubo?

Ngifisa ukuthi incwadi yami ibonwe omunye wezikhulu eziphethe eMthonjane­ni mhlawumbe kungake kube khona ushintsho. Siyabathan­da abaculi bakithi eMthonjane­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa