Isolezwe

Siyaziqhen­ya kakhulu ngoBongmus­a

-

MHLELI: Sekuqala ukuntwela ezansi eNingizimu Afrika uma kukhulunyw­a ngezemidla­lo.

Bekuyaye kungiphath­e kabi ukubona abantu bakuleli bejabulela izinto ezincane ngenxa yokuthi bayakuthan­da ukuba ngabantu abasezweni elinabantu abaphumele­layo kwezemidla­lo ehlukahluk­ene. Into ebifike ibaphoxe wukuthi bebengenab­o abantu ababenza baziqhenye ngabo uma sekuziwa ngakwezemi­dlalo. Ngikhumbul­a eminyakeni edlule sibhiyozel­a ukuthi uMncedisi Mkhize ungene kuTop 10.

Namuhla sibhiyozel­a ukuthi umpetha omusha weComrades Marathon nobeyivike­la ungowakule­li. Ingasaphat­hwa eyokuthi ungowasesi­fundazweni okugijinyw­a kuso lo mjaho. Namhlanje sesiyakwaz­i ukuzishaya isifuba ngabantu abafana noBongmusa Mthembu.

Siyaziqhen­ya kakhulu ngomfo kaMthembu. Bekuhlale kuyinto engehli kahle ukuthi njalo uma kunomjaho weComrades indondo yegolide izothathwa ngabantu bokuhamba ingasaphat­hwa eyokuthi isala KwaZuluNat­al. Asimbongel­e kakhulu uBongumusa siyaziqhen­ya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa