Siyaziqhenya kakhulu ngoBongmusa
MHLELI: Sekuqala ukuntwela ezansi eNingizimu Afrika uma kukhulunywa ngezemidlalo.
Bekuyaye kungiphathe kabi ukubona abantu bakuleli bejabulela izinto ezincane ngenxa yokuthi bayakuthanda ukuba ngabantu abasezweni elinabantu abaphumelelayo kwezemidlalo ehlukahlukene. Into ebifike ibaphoxe wukuthi bebengenabo abantu ababenza baziqhenye ngabo uma sekuziwa ngakwezemidlalo. Ngikhumbula eminyakeni edlule sibhiyozela ukuthi uMncedisi Mkhize ungene kuTop 10.
Namuhla sibhiyozela ukuthi umpetha omusha weComrades Marathon nobeyivikela ungowakuleli. Ingasaphathwa eyokuthi ungowasesifundazweni okugijinywa kuso lo mjaho. Namhlanje sesiyakwazi ukuzishaya isifuba ngabantu abafana noBongmusa Mthembu.
Siyaziqhenya kakhulu ngomfo kaMthembu. Bekuhlale kuyinto engehli kahle ukuthi njalo uma kunomjaho weComrades indondo yegolide izothathwa ngabantu bokuhamba ingasaphathwa eyokuthi isala KwaZuluNatal. Asimbongele kakhulu uBongumusa siyaziqhenya.