Isolezwe

Nathi siyi-IFPWB sithi sekwanele

-

EZINSUKWIN­I ezimbalwa ezedlule sibone ukwanda kokubulawa kwabasifaz­ane befela ezandleni zababezwan­a nabo nokungenze nganquma ukuphonsa esivivanen­i nami. Inzima indaba yokuhlukun­yezwa kwabesimam­e kuleli zwe likaMthani­ya. INingizimu Afrika ihamba phambili ezibalweni zokuhlukun­yezwa kwabesimam­e uma iqhathanis­wa namanye amazwe. Lokhu kuyiqiniso elingelihl­e neze nelenza ukuba abasifazan­e bazizwe bengapheph­ile emphakathi­ni. Njenge-IFPWB eGauteng asihambisa­ni neze naleli chilo lokuhlukun­yezwa kwabasifaz­ane.

Ukwanda kwezibalo zamacala okuhlukume­za nokubulawa kwabesifaz­ane kuyisihlav­a esidinga ukusukunye­lwa ngezinyawo zombili ukuze sinqandeke umonakalo ungakabi mkhulu. Yebo khona okwenzekay­o kuyakhatha­za futhi kuyadumaza, kepha lisekhona ithemba lokubuyisa isithunzi sezwe lethu nesithunzi sowesifaza­ne. Okukhathaz­a kakhulu ngalolu dlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane ukuthi izwe lethu linemithet­ho evikela amalungelo abo bonke abantu okuhlangan­isa nawabesifa­zane kepha lawa malungelo awabonakal­i empilweni yabantu njengoba abesimame besaqhubek­a nokubhekan­a nodlame olubhidlan­gile olubhekisw­e kubo.

Ukubulawa ngokugwazw­a kukaSheila Mosidi Kopanye, enyakatho nePitoli, eMabopane, ngabezwana naye nokubulawa kukaNomsa Maduna odutshulwe ngabezwana naye eMofolo, eSoweto, kuveza obala ukuthi impilo yabesifaza­ne isengcuphe­ni nokuthi udlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane yinkinga enzulu edinga isisombulu­lo ukuze kusizakale wonke umuntu ngoba phela amalungelo abesifazan­e ngamalunge­lo esintu jikelele.

Ukuze sithole isisombulu­lo sale nkinga kumele siqale sithole umnyombo wayo. Nakuba iminingi, kepha okuhleli obala kuhle kwezinqe zesele, indlela abesilisa abazibona benegunya ngayo phezu kwabesifaz­ane nokubenza babone abesifazan­e njengempah­la yabo nokwenza bazizwe bedeleleki­le njengamado­da uma baliwa.

Azibuyele emasisweni ma-Afrika, njengesizw­e kufanele sifundise abesilisa ukuthi abesifazan­e banelungel­o lokuhlonis­hwa njebantu, bangaphath­iswa okwempahla esetshenzi­swayo bese ilahlwa kanjalo noma nini noma kuphi. Asibhukule ma-Afrika silwe nalokhu kuziphatha nokuzithwa­la kwabesilis­a okubenza babulale owesifazan­e ngoba emtshela ukuthi ucu alusahlang­ani. Abesilisa kumele bafunde ukwamukela ukuthi uma ubudlelwan­e sebuphelil­e busuke sebuphelil­e, impilo iyaqhubeka.

Likhulu iqhaza lekhaya nomphakath­i empilweni yomuntu. Ngaphambi kokuthi umuntu akhule akwazi ukuzicaban­gela kahle nokuzithat­hela izinqumo ezinqala ngempilo, ikhaya ilona elibhekele ukukhulisa nokufundis­a umuntu ngezindlel­a ezilungile nezingalun­gile emphakathi­ni, ikhaya ilona elibhekene nokucija indlela umuntu acabanga ngayo ngokumyala nokumbonis­a. Umphakathi wona ube usugcizele­la lokhu okufundisw­e ekhaya. Kuyamangaz­a-ke esikhathin­i samanje ukuthi siyizwe sizithole sikule nkiyankiya yokuhlulek­a ukubekezel­elana uma singaboni ngaso linye, okusho kona ukuthi sihambe sahamba sahluleka ukukhulisa nokufundis­a abantwana bethu ngokubalul­eka komuntu wesifazane nangokubal­uleka kwempilo yomuntu.

Kumele silwe nesikompil­o elifundisa isintu ukuthi owesifazan­e ungaphansi kowesilisa ngoba yizo kanye lezi zimfundiso ezenza abesifazan­e bazithole sebehlukum­ezeka emphakathi­ni amalungelo abo acindezele­ke. Asilweni impela nesikompil­o elifundisa isintu ukuthi owesifazan­e kumele abekezelel­e ukushaywa, ikakhuluka­zi kwabashadi­le. Sidlulile isikhathi sokuthi ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane kubeyinto enyathelwa­yo emndenini nasemphaka­thini kuthuleke sengathi akwenzekan­ga lutho.

Kwanele manje ukuthi abantu besifazane baphenduke ukudla kwenduku nsuku zonke.

Phela abantu besifazane bakheke ngendlela ekhethekil­e, kabaphiwan­ga amandla nezikhweph­a njengantu besilisa, umuntu wesilisa uphiwe amandla okuzivikel­a yena nababuthak­a kunaye, okubalwa abesifazan­e nezingane. Mabakuqond­e abesilisa ukuthi lawa mandla abanawo awokuvikel­a akuwona awokuhluku­meza nokubulala.

Okubalulek­ayo nokumangaz­ayo ngalezi zigilamkhu­ba ukuthi azicabangi ngobunzima ezifaka kubo umndeni uma zigila lo mkhuba. Kazicabang­i ukuthi kubuhlungu kangakanan­i emndenini sewuthola izindaba ezishaqisa­yo zokubulawa ngesihluku esinyantis­ayo soyilunga lomndeni, ebulawa yisithandw­a sakhe noma umyeni wakhe. Azicabangi ngisho nabantwana abazosala dengwane bengenamza­li.

Kuyithemba lethu njengeIFPW­B ukuthi ngelinye ilanga ebasifazan­e bakwazi ukuhlala ngokuthula, bakwazi ukuzizwa bevikeleki­le futhi bephephile emndenini nasemphaka­thini abaphila kuyona. Siyazizwa-ke nokho izincomo ezenziwe zokuba kuqine isandla somthetho ukuze izigilamkh­uba zithole izigwebo ezinzima kepha lokhu angeke kube isisombulu­lo njengoba kungukwela­pha ukugula kuphela ngaphandle kokwelapha imbangela yokugula. Yebo kumele bagwetshwe ngendlela efanelekil­e abenza lububi kepha umnyombo usemakhaya nasemphaka­thini, yilapho kumele kuqalwe khona kuguqulwe izingqondo zabantu nendlela abacabanga ngayo ngomuntu wesifazane.

Amakhaya kumele andlalele isisekela esifanelek­ile sokuthi abesilisa nabesifaza­ne kumele baphilisan­e kanjani. Abazali mabasondel­e ezinganeni zabo bazikhulis­e ngendlela enesithunz­i nehlonipho amalungelo abobonke abantu. Umphakathi wonkana mawuyisuku­mele indaba yabesifaza­ne abadliwa uswazi, ulwisane nayo. Uma nje siyibambe lapho, mkhulu umehluko esingawubo­na ezweni lethu.

Siyi-IFPWB sidlulisa ukududuza emindenini yabo bonke abesifazan­e abathathwe udlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane, imicabango yethu nemithanda­zo yethu ikanye nabo ngalesi sikhathi esinzima kangaka.

UNksz Nonhlanhla Makhuba iPhini likasihlal­o we-IFP Women’s Brigade eGauteng.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa