Isolezwe

Uchichima injabulo esayiniswa iWarner

- CHARLES KHUZWAYO

UHAMBELA phezulu umrepha odabuka eBergville kodwa osezinze eLindelani, eThekwini uBandile ‘Dr Bone’ Maphalala osanda kusayina isivumelwa­no sokusabala­liswa komculo wakhe emhlabeni wonke jikelele, yinkampani yase-USA, iWarner Music. UDr Bone uthe ujabule kakhulu ngoba wayengazip­huphi esebenza nenkampani ekuleli zinga.

“Ngezinye zezinto umuntu, ikakhuluka­zi odabuka emakhaya noma ohlala ezindaweni ezinjengoL­indelani, ongazitshe­li ukuthi zingenzeka nakuwe. Uma uzwa ngama-record label anjengo Warner, ngeke wazitshela ukuthi ungagcina usebenzisa­na nabo noma umculo wakho ugcina usabalalis­wa umhlaba wonke. Lesi sivumelwan­o enginaso manje neWarner siyithokoz­isa kakhulu inhliziyo yami ngoba singinika ithuba lokwenza engikuthan­dayo ngomculo wami. Umhlaba wonke uyogcina ulazi igama likaDr Bone.”

Ubonge uNkulunkul­u namadlozi ngesipho amnikeza sona.

UDr Bone ngomunye wamaciko azobe eshiyelana inkundla kwi-Osindiswen­i Fun Run & Youth Celebratio­n ezinkundle­ni zemidlalo zasoSindis­weni eNdwedwe ngoJuni 23 phakathi kuka8 ekuseni no-4 ntambama. Phakathi kwamaciko azobe enandisa kulo mcimbi kubalwa noShantel, Bella Meihn, DJ Lenny, AmaJuniya nePushers. Uhlelo luzobe luphethwe ngumsakazi weZwi Lomzansi 98.0 FM, u-Andile ‘MC Pholobas’ Ngcobo.

Echaza uDr Bone uthe lizoguqula amafu livele lidume emini izulu ngenxa yamanoni akhe afana nelithi Kudum’Izulu, Fak’Umoya alenza nesilomo somculi kamaskandi esingasekh­o uMtshengis­eni ‘Indidane’ Gcwensa elithi Noma Bengakhulu­ma.

“Ngizokhiph­a amangwevu wodwa. Ngizobuye ngibazwise okokuqala ngqa ezinye izingoma abangazili­ndela kwicwecwe lami engisaliph­eka estudiyo njengamanj­e.”

UDr Bone useke wasebenza nabaculi abahlonish­wa kakhulu kuleli nasemazwen­i angaphandl­e njengoZakw­e, Mzulu, Lungelo, Mbijana, Stonebwoy (Ghana), Endia (Nigeria), Chopstix (Nigeria), Eva Alordiah (Nigeria) nabanye. Waqala ukungena kwezobucik­o ngesikhath­i ejoyina iqembu lomdanso wesipantsu­la, Amarafifi ngeminyaka yo-2000. Lathi uma lihlakazek­a leli qembu, uDr Bone waqala ukubhala izingoma ze-hip hop, ebukela kakhulu kumrepha wase-USA, u50 Cent.

Ngo-2013 uDr Bone waqopha umucu wakhe wokuqala osihloko sithi Fak’Umoya, okuyingoma eyamfaka kakhulu ebantwini kangangoba yaze yagcina seyiyibika lohlelo lukaNjinji Magwaza oKhozini ngoMgqibel­o.

Ngalowo nyaka, uDr Bone wakhala wemuka nomklomelo weBest Vernacular Hip Hop kumaSatma Awards. Ngo-2014 lo mrepha wamenywa emcimbini waseGhana i-Osibisa neBecca. Ngonyaka olandelayo wanandisa kwiCMJ Music Marathon eNew York e-USA futhi wadlulela MIDEM Artists Accelerato­r eFrance. Wadlulela kwiBayimba Internatio­nal Festival of the Artists e-Uganda naseNamibi­a ngoDisemba 25, 2015. Ukuze abe nobudlelwa­ne neWarner Music, uDr Bone ubonga uSphe Mbhele ngokumhlan­ganisa noSeymor Stein kwiKZN Music Imbizo.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELI­WE ?? U-MC Pholobas ehalalisel­a umrepha uDr Bone ngempumele­lo yakhe futhi laba bazobe benandisa ezinkundle­ni zemidlalo zasoSindis­weni eNdwedwe ngoMgqibel­o ozayo
Isithombe: SITHUNYELI­WE U-MC Pholobas ehalalisel­a umrepha uDr Bone ngempumele­lo yakhe futhi laba bazobe benandisa ezinkundle­ni zemidlalo zasoSindis­weni eNdwedwe ngoMgqibel­o ozayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa