Isolezwe

Umhlangano ngodaba lokushona kwabavukuz­i

- MARY JANE MPHAHLELE

UMNYANGO wezokuMbiw­a Phansi uthi uzohlangan­a neziphathi­mandla zaseSibany­e, eStillwate­r eGoli ngenhloso yokuzama ukunqanda ukushona kwabavukuz­i.

Umnyango uveze lokhu ekomitini lezokumbiw­a phansi ePhalamend­e ngemuva kokutholak­ala kwesidumbu sesishiyag­alolunye emayini yaseStillw­ater, ngoLwesibi­li.

UMqondisi-jikelele eMnyangwen­i wezokuMbiw­a Phansi, uMnuz Thabo Mokoena, uthe bebeseSiba­nye benebamba lomphenyi omkhulu beyohlola isimo.

UMokoena uthe uNgqongqos­he womnyango wabo, uMnuz Gwede Mantashe, uzoba nomhlangan­o kuleli sonto neziphathi­mandla zaseSibany­e ukuze babheke ukuthi kungabhekw­ana kanjani nale nselelo.

Kuthiwa abasebenzi abahlanu bangene emayini engasasebe­nzi ongangeni kahle umoya kuyona ngoMsombul­uko. Abathathu kubona bashone ngawo uMsombuluk­o.

Umvukuzi oyedwa usavalelek­ile emathunjin­i omhlaba kanti abathungat­hi basambheka.

Imayini inezibalo eziphezulu zokushona kwabavukuz­i kusukela kuqale unyaka kuthiwa sebengu-19 asebeshoni­le.

USihlalo wekomiti, uMnuz Sihlulele Luzipo, unxuse umnyango ukuba uthathele izinyathel­o zonke izinhlaka ezithintek­ayo ngokushona kwabavukuz­i kubalwa neziphathi­mandla zemayini.

“Ngifisa ukwazi ukuthi bathini ababambe iqhaza emayini uma sebethola imali yabo, bethola imali kube kufe abavukuzi, akumele ukuthi kube imfashini ukuthi abantu bafe ngale ndlela,” kusho uLuzipo.

UMokoena uqinise idolo amalungu ekomiti wathi umnyango wabo uzophenya uze ufike ezimpanden­i zalolu daba bese ubathathel­a izinyathel­o abanamacal­a.

“Sizokwenza konke okusemandl­eni ukuthi imithetho yezokuphep­ha yasezimayi­ni iyalandelw­a,” kusho uMokoena.

Izinyunyan­a sezinxuse uMantashe ukuba azithathel­e izinyathel­o izimayini ezingayila­ndeli imigomo yezokuphep­ha.

 ?? Isithombe: NHLANHLA PHILLIPS/ AFRICAN NEWS AGENCY/ ANA ?? UNGQONGQOS­HE woMnyango wezokuMbiw­a Phansi uMnuz Gwede Mantashe ozoba nomhlangan­o neziphathi­mandla zemayini eSibanye
Isithombe: NHLANHLA PHILLIPS/ AFRICAN NEWS AGENCY/ ANA UNGQONGQOS­HE woMnyango wezokuMbiw­a Phansi uMnuz Gwede Mantashe ozoba nomhlangan­o neziphathi­mandla zemayini eSibanye

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa