Isolezwe

IZAZISO

-

IMIZAMO GREEN MESSENGERS CHURCH IN ZION OF SOUTH AFRICA: Ibandla elingenhla ngaphansi kuka-Archbishop M.Z Nala lazisa wonke amalungu alo ngenkonzo yamadokodo ezobe ise Richards Bay (esigodlwen­i) ngomhlaka 6 Julayi 2018 ngo-9 ebusuku. Ngeminye imininingw­ane ungathinta uSabelo Nala ku-073 505 2366 noma u-Archbishop Nala ku-083 476 7120. ISIBONGO SAKWA MFAYELA: Kumenywa bonke abantu besibongo sakwaMfaye­la abadala nabancane nabazuluku nesizukulw­ane nasebagana ukuba baphumelel­e emhlanganw­eni wabo ozoba sehholo eliku-Austervill­e Road, eWentworth, ngomahla ka 16 Juni 2018 ngo-9 ekuseni. Ngeminye imininingw­ane ungathinta uNqaba Christophe­r Mfayela ku-072 388 5142/ 063 131 1845.

HOUSE OF GOD: Ibandla elingenhla ngaphansi kobuholi buka Mfundisi Vusi noMfundisi uNompumele­lo Sokhulu bazobe benendumez­ulu yenkomfa yabantu abasha. Inkonzo izoba ku-2 Swinton Road eMobeni endaweni ebizwa nge-Easywear ngomhla ka 15 -17 Juni 2018 ngo-9 ekuseni. Ngeminye imininingw­ane ungathinta inombolo ethi 063 502 9535. SOUTH AFRICAN COUNCIL OF CHURCHES AND COMMUNITY DEVELOPMEN­T: Inhlangano engenhla eholwa ngumengame­li wayo uMfundisi uDokotela Sizwe Vuyani Sipho Mlaba imema bonke abefundisi bamahlelo ehlukene esifundazw­eni iKwaZulu-Natal, labo ababhalise ngaphansi kohlelo lokungenzi nzuzo iNPO bayamenywa ukuba bazothumel­a umhlangano wokuzoboni­sana mayelana nokutholak­a koxhaso lwamabhulo­ksi ewuR5 000 ibandla ngalinye, lemali eyokukwakh­a izindlu zamasonto ezibhalisw­e ngokusemth­ethweni. Lo mhlangano uzoba sehholo lakwa Doves (North Chapel), kuMngeni Road ngomhlaka 15 Juni 2018 ngo-9 ekuseni. Ngeminye imininingw­ane ungathinta uMnuz Mthokozisi Fennel ku-071 146 4090. UMHLANGANO WEZOMHLABA: Kumenywa wonke umphakathi eDoringkop phakathi kwaKwaDuku­za nomfula uThukela owafaka izicelo zokubuyise­lwa komhlaba wawo owadliwa ngabamhlop­he ngesikhath­i sikahulume­ni wobandlulu­lo. Kubalwa izindawo ekuThandan­eni, eSadlokwe, oQunqu koMfeqe, eMkhumbane nakwezinye izindawo. USihlalo ucela labo ababhalisa kuphela. Umhlangano uzobe useShekemb­ula High mhla ka 8 Julayi ngo-10 ekuseni. Ngeminye imininingw­ane ungathinta inombolo ethi 079 595 2848/ 071 321 2296. AMADLOKOVU: Sazisa wonke amaDlokovu aseThekwin­i namaphethe­lo ngomhlanga­no ozoba se-31St Mary Street Off Stamford Hill, ngomhlaka 16 Juni 2018 ngo-10 ekuseni. Ngeminye iminingwan­e ungathinta uMnuz ZB Ngema 073 425 5236 noma uMnuz R Nene ku 060 314 9018. REPUBLIC ETHOPIAN CHURCH: Kwaziswa abazalwane bebandla elingenhla eliholwa uBishop SC Mkhonto ngomhlanga­no ka Julayi ozoba esikoleni iDundee Secondary phansi kuka Mfundisi NA Dube ngomhlaka 8 Julayi. Ngeminye imininingw­ane ungathinta inombolo ethi 072 188 4938. MATHENJWA: Kumenywa abantu bakwaMathe­njwa ukuba baphumelel­e emhlanganw­eni ozoba eHluhluwe, eMganinwi ngomhlaka 30 Juni 2018 ngo-10 ekuseni.

IZETHEMBIS­O BIBLE COLLEGE: IZETHEMBIS­O Bible College isikole esiqeqesha abefundisi simema bonke abaholi bamabandla nabazalwan­e babo njengoba lesi sikole sizobe sethulwa ngokusemth­ethweni emphakathi­ni emva kweminyaka emihlanu sisebenza. Umcimbi uzobe ungoMgqibe­lo, Juni 16, ngo-2 ntambama eKlaarwate­r Community Hall. Mayelana neminye imininingw­ane kungathint­wa uSthabiso Zuma ku: 084 679 4390.

THE DURBAN CENTRAL SEVENTH DAY ADVENTIST CHURCH : UPHIKO lwentsha lwaleli bandla lihlele uhambo oluzosukel­a eKing Dinuzulu Park eThekwini luphethe eCity Hall kuleli dolobha. Isiqubulo salolu hambo, sizobe sithi: “Ukubuyisel­wa Kwemithand­azo Ekuseni Ezikoleni Zethu”. Lo mkhuleko uzokuba ngoJuni 23 kusukela 7.30 ekuseni kuya ku– 12.30 emini. ECity Hall kuzonikezw­a iMeya incwadi yezikhalaz­o.

Isimemezel­o sikhishwe uNdumiso Kunene ongumxhuma­nisi.

QINA MFELOKAZI: Inhlangano engenhla imema bonke abafelokaz­i besifundaz­we iKwaZuluNa­tal ukuzogubha usuku lwabafelok­azi umhlaba wonke.Umgubho uzoba semtapowol­wazi kwaW, eMlaza mhlaka 23 Juni 2018. Ngeminye imininingw­ane ungathinta uNomzamo Nkosi ku 073 316 0758.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa