Isolezwe

Abalandeli boSuthu babhikishe­la iTop 8

- NHLANHLA SITHOLE

ABALANDELI baMaZulu FC eGauteng namaphethe­lo bahlela ukhukhulel­angoqo wemashi yokuzwakal­isa imizwa yabo ngabakubiz­a ngokuhluku­nyezwa kweqembu labo yizinqumo ezingenabo ubulungisw­a.

Imashi izobe iqonde ngqo enkantolo enkulu yaseSouth Gauteng lapho kuzokube kubuyekezw­a khona isinqumo sikamehlul­eli ozimele, uWilliam Mokhari, esibe nomphumela wokuthi Usuthu lugcine luphumile kwiTop 8 ekubeni belungeyon­a ingxenye yodaba lokudlalis­wa kukaTendai Ndoro, yi-Ajax Cape Town.

UMokhari, esinqumeni sakhe wagixabeza iSuperSpor­t United amaphuzu amathathu anamagoli amathathu ngemuva kokuthi ethole i-Ajax inecala lokudlalis­a uNdoro. Lokhu kwenza ukuthi AmaZulu aphume kwiTop 8.

Le mashi izokuba namuhla okuwusuku okuzoqala ngalo ukubuyekez­wa isinqumo.

Ephawula ngale mashi usihlalo wozihlalo babalandel­i eGauteng, uMphostoli Zwane, bafuna ukuyozwaka­lisa imizwa yokungapha­theki kahle kweqembu labo ebholeni kusukela kusadlalwa ngaphansi kweNPSL, NSL nePSL.

“Kunabantu abangafuni ukubona leli qembu lidlondlob­ala kusukela kudala. Ngisho ngesikhath­i kuseyiNPSL kwakuhlale kunezinqum­o ezingagcul­isi.

Esinye sazo ngesikhath­i lisaphethw­e nguNgongom­a, kwaba wukudlalis­wa imidlalo eminingi emqhudelwa­neni owawufana neNedbank Cup njengamanj­e,” kusho uZwane.

Uthe lafike ladlala neTembu Royals, ladlulela esigabeni esilandela­yo lapho elahlula khona i-Ellerines FC yaKwaMashu nakhona futhi lanqoba.

“Kuthe uma sekufanele lidlale kuma-quarter final kwathiwa aliqale lidlale neBenoni United futhi kwiTop 16 ngoba iThembu Royals ne-Ellerines bathathwa njengeqemb­u elilodwa ngoba amaqembu amancane. Kwaba yilapho-ke uNgongoma anqaba ukuyodlala eSinaba Stadium, eBenoni,” kusho yena.

Uthe sekuyiNSL, iqembu laba elokuqala ukudlala umdlalo ngaphandle kwabalande­li ngoba kuthiwa bangena enkundleni.

“KwiPSL sibona likhishwa ngaphandle kweTop 8 ekubeni belingeyon­a ingxenye yodaba lukaNdoro. Ngeke kuthi abadlali besebenze kangaka, belwela amaphuzu abafaka kwiTop 8 bese kunikezwa omunye amaphuzu.

“Sifuna ukugqisha ngenkani ngoba sesikhathe­le manje esikubona kwenziwa eqenjini lethu esilithand­ayo.

“Abantu abangakhoh­lwa ukuthi leli qembu lasungulwa yiSilo uMaphumzan­a (Solomon kaDiniZulu). Ngakho ngeke sihlale sisonge izandla ekubeni sibona kudlalwa ngalo. Asiyile ngempi kodwa sizobe sikhuza izaga esaziwa ngazo singabalan­deli boSuthu.”

Ethintwa ngale ndaba uQedi Dlamini, oyimenenja yeqembu aphinde abe ngumdidiye­li wabalandel­i uthe , “Ihhovisi leqembu alazi lutho ngale mashi ehlongozwa­yo futhi alihlangen­e nayo, kodwa ngenxa yokuthi siphila ezweni elihloniph­a amalungelo abantu, ngeke sisho lutho ngoba yilungelo labalandel­i lokuzwakal­isa imizwa yabo. Esingakuce­la kubona ukuthi konke abakwenzay­o bakwenze ngokuthula futhi bangalokot­hi bahlambala­ze abantu neligi,” kusho uDlamini.

Okhulumela AmaZulu, uBrilliant Mkhathini, ucashunwe kuleli phephanda ethi, “Aseneme ngokuthi amanye amaqembu ahlonyulis­wa ngamaphuzu”.

ULuxolo September, okhulumela iPSL, uthe bona njengeligi abazi lutho ngemashi ehlongozwa abalandeli baMaZulu.

Uma i-Ajax iliwina icala kungasho ukuqala phansi kwemidlalo yokuhlunge­la ukunyukela kwi-Absa Premiershi­p bese AmaZulu ebuyela kwiTop 8.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGADLI we-Ajax Cape Town, uTendai Ndoro, uyena osuse umsindo ngokudlale­la amaqembu amathathu ehlukene ngesizini eyodwa
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGADLI we-Ajax Cape Town, uTendai Ndoro, uyena osuse umsindo ngokudlale­la amaqembu amathathu ehlukene ngesizini eyodwa
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa