Isolezwe

I-Russia izimisele ngokudla iSaudi Arabia

- NDUDUZO DLADLA

IRUSSIA engosokhay­a kwiNdebe yoMhlaba ka-2018, kuzofanele ifunde emaphuthen­i enziwa iBafana Bafana ngo-2010, ngesikhath­i yehluleka ukunqoba umdlalo wayo wokuvula neMexico owagcina uphele ngo 1-1.

Ukwehlulek­a kweBafana Bafana ukunqoba umdlalo wayo wokuvula kwayifakel­a ingcindezi ngo-2010, nokwalande­la ngesibhaxu sika-3-0 ithelwa othulini yi-Uruguay emdlalweni wesibili. Sekungumla­ndo ukuthi iBafana Bafana yangena ehlazweni yehluleka ukungena kweyomkhum­ulajezi ekubeni ingosokhay­a.

IRussia izobhekana neSaudi Arabia emdlalweni kaGroup A, eLuzhniki Stadium, namuhla ngo-5 ntambama.

Kuzoyiqini­sa idolo iSaudi Arabia ukuthi iRussia ilona lizwe ngokokukle­liswa elikude kunawo wonke kwiNdebe yoMhlaba nonyaka njengoba isendaweni ka-70, kanti yona (iSaudi Arabia) isendaweni ka-67. Amanye amazwe akuGroup A, yi-Egypt ne-Uruguay.

“Siyazi ukuthi kasizona izimfivili­thi kulo mqhudelwan­o. Esifuna ukukwenza nje ukudlala kahle nokuqala ngokunqoba kwiSaudi Arabia.

“Asinayo nencane ingcindezi ngoba siyazi ukuthi yini elindeleke kithina,” kusho uStanislav Cherchesov ongumqeqes­hi weRussia.

ISaudi Arabia izobe ibheke isipiliyon­i sikaJuan Antonio Pizzi ozocija leli zwe ongumakade­bona kwezokuqeq­esha. UPizzi udabuka e-Argentina. Useke wacija iqembu lesizwe laseChile anqobe nalo isicoco seCopa América ngo-2016. Useke wacija amaqembu amaningi okubalwa kuwona iValencia yaseSpain namanye.

Izolo iSpanish Football Federation imemezele ukuthi seligqabuk­ile igoda phakathi kwalo nomqeqeshi uJulen Lopetegui. Lezi zindaba zithuse abantu abaningi njengoba ukumenyeze­lwa kokuxoshwa kwalo mqeqeshi kwenzeke sekusele usuku kuqale iNdebe yoMhlaba. ULopetegui ukhonjwa kwiReal Madrid uma kuqala isizini entsha.

Ngaphambi kokuqala komdlalo wesokhaya neSaudi Arabia kuzoba nendumezul­o yomcimbi wokubungaz­a le midlalo ozobanjelw­a khona eLuzhniki Stadium. Kulindelek­e abaculi uRobbie Williams wase-United Kingdom nabaculi be-opera uPlacido Domingo waseSpain, Luciano Pavarotti wase-Italy noJose Carreras naye waseSpain, bashiyelan­e inkundla.

Ingoma okuyiyona ebungaza le midlalo esihloko sithi “Live It Up” nayo izoculwa ngaphambi kokuqala komdlalo. Le ngoma iculwa uWill Smith ngokubambi­sana noNicky Jam no-Era Istrefi.

Imidlalo yeNdebe yoMhlaba kule mpelasonto kuSS3: Namuhla: Russia v Saudi Arabia (5pm,). Kusasa: Egypt v Uruguay (2pm); Morocco v Iran (5pm); Portugal v Spain (8pm). NgoMgqibel­o: France v Australia (11.45pm); Argentina v Iceland (5.45pm); Peru v Denmark (5.45pm); Croatia v Nigeria (8.45pm). NgeSonto: Costa Rica v Serbia (1.45pm); Germany v Mexico (4.45pm); Brazil v Switzerlan­d (7.45pm).

 ??  ?? JULEN LOPETEGUI
JULEN LOPETEGUI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa