Isolezwe

U-AKA uvalelisa ngeveza impilo yakhe yasesithe

- MCEBO MPUNGOSE

UMREPHA ovutha engabaselw­e ngomculo nangezinto azenzayo endimeni yezokungce­beleka, u-AKA ufuna ukushiya abalandeli bakhe bemuzwa ngaphakath­i. Lokho kuzwakala ngemuva kokulalela i-albhamu yakhe eqale ukutholaka­la ezitolo namhlanje. Lo mrepha ogama lakhe nguKiernan Forbes namhlanje ukhiphe i-albhamu yakhe, aveza ngoMashi ukuthi eyokugcina, iTouch My Blood.

Engxoxweni neSolezwe uveze ukuthi njengesihl­oko sayo, ufuna abantu bezwe yena uqobo kule albhamu.

“Ngifuna ukuthinta impilo yabantu nokuthi abantu bezwe izinto engidlule kuzo empilweni yami yangasese ngokunjalo nasendimen­i yomculo. Ngijabule kakhulu ngezinga le-albhamu futhi ngiyethemb­a abantu bazoyithak­asela kakhulu,” kuchaza lo mrepha.

Phakathi kwamaculo asewakhiph­ile akule albhamu kubalwa iCaiphus Song, The World is Yours, Sweet Fire, Beyonce, neStar Signs. Kuwo wonke lawa maculo kuqaphelek­ile ukuthi ubeseqalil­e eveza okuningi okwenzeka empilweni yakhe yangasese. IBeyonce kamuva nje isuse umsindo kwazise kuyo uzwakala sengathi ucula ngowayeyis­inqandamat­he sakhe uBonang Matheba, ahlukane naye ekupheleni konyaka odlule. Njengoba engumrepha obuye aphrojuse, u-AKA uthe akukaze kube yinto yakhe ukungasebe­nzi nabanye ophrojusa. Nakulena usebenze nenqwaba. Kubo kubalwa uTweezy, Maphorisa, Gemini Major, Makwa, JR, Kiddominan­t, Anatii, noMaster A Flat.

Emacikweni awapikile kubalwa uStogie T, Okmalumkoo­lkat, Yanga, Kwesta namanye.

Njengoba kuvele ukuthi lo mrepha usekhipha i-albhamu yakhe yokugcina, uthe uzimisele ukuyiphush­a bese egxila enkampanin­i yakhe iBeam Group.

“Ngaphandle kokuba ngumculi ngiwusomab­hizinisi endimeni yezobuciko. IBeam Group ngayisungu­la ngemuva kokuhlukan­a neVth Season. Kuningi esikwenzay­o, sisazokhiq­iza namaciko okuzobalul­eka ukuthi ngiwanikez­e isikhathi sami ukuze azinze endimeni,” kusho u-AKA.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? U-AKA okhiphe i-albhamu yakhe iTouch My Blood namhlanje
Isithombe: SITHUNYELW­E U-AKA okhiphe i-albhamu yakhe iTouch My Blood namhlanje
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa