Isolezwe

Uselunikwe ngokugcwel­e uhlelo

- INTATHELI YESOLEZWE

USEZOLUTHA­THA ngokugcwel­e uhlelo lwezingxox­o iReal Talk on SABC3, u-Azania Mosaka (osesithomb­eni) oke wabamba kulolu hlelo phambilini.

U-Azania uzongena esikhundle­ni sika-Anele Mdoda omemezele emasontwen­i amabili edlule ukuthi useyashenx­a ukuze abhekane neminye imisebenzi.

Ngesikhath­i u-Anele ehlabe ikhefu ngo-Ephreli, ngu-Azania owabamba waze wabuya.

Abadidiyel­i bohlelo, iCheeky Media neSABC3, bathe indlela aluphatha ngayo ngesikhath­i ebambile babone kufanele ukuthi bamnike lona ngokugcwel­e.

U-Azania uthe njengoba ethatha lo msebenzi ufuna ukuxoxa nabantu futhi “ngigqugquz­ele abantu ukuthi baphuphe, ngigqugquz­ele amantombaz­ane asemancane kanjalo nabesifaza­ne nokufaka amandla amasha kubabukeli ngibe ngibakhumb­uza ngamathemb­a abo namaphupho.”

Umqondisi weCheeky Media, uYusuf Stevens, uthe bajabule ngo-Azania neza nakho ohlelweni.

“Njengoba ngake ngasebenza naye kancane phambilini, siyakwazi ukuzithoba kwakhe, uthando analo, ukuzwelana nabanye nokuziphat­ha kwakhe okuzokwamu­kelwa ngababukel­i bethu,” kusho uStevens.

Umphathi wakwaSABC3, u-Aisha Mohamed, uthe bajabule ngokwamuke­la u-Azania emndenini wabo.

Kulolu hlelo kufika izimenywa ezehlukene zikhulume ngezihloko ezithinta impilo. Kufika nosaziwayo bezokhulum­a ngempilo yabo.

U-Azania, ozakhele udumo esakaza kwiMetro FM eminyakeni eyedlule, uzoqala emsebenzin­i ngoMsombul­uko.

Uhlelo lukhonjisw­a ngo-6 kuya ku-7 ntambama kuSABC3.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa