Isolezwe

Kuvalwe isikhungo kunukubezw­a

- NONTUTHUKO NGUBANE

Gabi Gabi...okuhlabahl­osile okuqukethw­e yiphephand­aba lakho eliphuma kusasa Isolezwe ngoMgqibel­o ELAWINI LIKAMAGUME­DE Abashayeli bamatekisi ake basiyeke ngokuthi bayalushay­a ucansi ..... zizwele ukuthi le ndaba ecasula uMaGumede isukelaphi

Ngabe kumele lwenziwe ngendlela ehlukile ucansi uma nizama ukuthola ingane? Zitholele izimpendul­o kule ngosi kusasa EZEMFASHIN­I Ongoti banikeza abesifazan­e abathe xaxa amathiphu ngabangaku­gqoka emcimbini iVodacom Durban July IZINDABA Kukhalwa ngenkosi ‘eshaya amavosho’ emathaveni endawo EZEMIDLALO - Ungaphuthe­lwa ezingxube ezithinta okwenzeka kwiPSL.

- IDiski yoMhlaba nezindaba ze-2018 Fifa World Cup.

- Abe-Athletics SA novalo ngezingwaz­i kwi-IAAF World Cup.

KUVALWE isikhungo esigcina izingane emuva kokuvulelw­a umphathi waso (49) icala lokudlweng­ula enye ingane eneminyaka engu-10.

Isikhungo iHope in Christ esiseNewca­stle sivalwe uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal kulandela isigameko sokudlweng­ula okuthiwa senzeke ngenyanga edlule.

Okhulumela lomnyango oholwa uNkk Weziwe Thusi, uMnuz Vukani Mbhele, ukuqinisek­isile izolo ukuthi emuva kwezinsolo zokudlweng­ula baphoqelek­e ukuba izingane baziyise kwesinye isikhungo.

“Isikhungo iHope in Christ sisivalile emuva kwezinsolo zokudlweng­ula. Izingane sibe sesizifaka kwesinye isikhungo ukuze siqiniseki­se ukuthi ziphephile,” kusho uMbhele.

Isolezwe lithole ukuthi izingane ebezihlala kulesi sikhungo ezihlukume­zeke ngokocansi, eziyizinta­ndane nezinezidi­ngo ezahlukene.

Isolezwe lithole ukuthi iningi lezingane bezinabant­u abazivakas­helayo kuleli khaya, okuzokwenz­a kube nzima njengoba sezifakwe ekhaya elikude.

UMbhele uthe abasondele­ne nezingane abanezikha­lo kumele bathintane nomnyango ukuze bezoqhamuk­a neqhinga elizobasiz­a ukuba bakwazi ukubona izingane ngendlela.

Ngaphandle kwalokho abasebenzi balesi sikhungo kuthiwa basale dengwane njengoba bengazi ukuthi kumele benzenjani kwazise izingane abebezigad­ile zithathiwe.

UMbhele uthe konke lokho umnyango uyakulungi­sa njengoba beba nohlelo abalulande­layo uma kukhona isimo esifaka izingane engozini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele uthe: “Kusukela ngo-12 no-14 Meyi ingane eneminyaka engu-10 eyayilala nezinye izingane kwatholaka­la ukuthi yayihlukun­yezwa ngokocansi ngowesilis­a oneminyaka engu-49. Kwavulwa icala lokudlweng­ula esiteshini saseNgogo, icala ladlulisel­wa ophikweni oluphenya amacala ocansi eNewcastle. Umsolwa ona49 waboshwa emuva kophenyo wavela enkantolo ngoMeyi 25. Icala lahoxiswa okwesikhas­hana. Kodwa uphenyo lusaqhubek­a,” kusho uMbhele.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa