Isolezwe

Ithimba elizopheny­a ngezase-Adams College

- INTATHELI YESOLEZWE

UMNYANGO wezeMfundo KwaZuluNat­al usunxuse abanolwazi ngezinsolo zocansi phakathi kwabafundi nothisha base-Adams College ukuthi beze ukuze basize ngophenyo.

Umnyango ujube ithimba elizopheny­a lezi zinsolo ezisabalel­e kwabezinda­ba nasezinkun­dleni zokuxhuman­a ngothisha okuthiwa banobudlel­wano nabafundi.

UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uNgqongqos­he wezeMfundo uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthe bajube izikhulu zomnyango ukuthi zithole ulwazi mayelana nalezi zinsolo.

Uthe izinsolo zibucayi futhi bafuna ukuthola ubuqiniso bazo.

“Asifuni kube nomfundi ohlukumeze­kayo ezikoleni zethu. Uphenyo yilona oluzoveza ubuqiniso balezi zinsolo,” kusho uMthethwa.

Uthe okwamanje abantu basabalali­sa izinto abangenabo ubuqiniso bazo.

“Yingakho sithi ulwazi alulethwe emnyangwen­i ngoba okwamanje yinto esatshalal­iswayo asibazi ubuqiniso bayo. Sifuna ukuvikela abafundi,” kusho yena.

I-IFP inxuse ukuthi kwenziwe uphenyo olunzulu mayelana nalezi zinsolo.

Okhulumela i-IFP kwezemfund­o, uNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa, uthe umnyango kumele ubathathel­e izinyathel­o othisha abathintek­ayo.

“Kuyihlazo ukuthi kunothisha abanquma ukucekela phansi ikusasa lezingane ekubeni ngabe bakha ikusasa lazo. Umnyango awusebenzi­se bonke ubufakazi ozobuthola ukuthathel­a izinyathel­o abathintek­ayo,” kusho yena.

Uthe kumele banekelwe izwe othisha abenza into efuze le ngoba kumele ngabe bayisibone­lo esihle.

Ezinkundle­ni zokuxhuman­a abafundi bakhuluma ngalezi zehlakalo bafuna umnyango uthathe izinyathel­o.

Lesi sikole saziwa ngomlando waso omuhle njengoba kwafunda abaholi abahlonish­wayo kuleli okubalwa nomengamel­i bakwamanye amazwe.

Kwabanye abafunda khona kubalwa umengameli waseBotswa­na uMnuz Milton Obote nowase-Uganda uSir Seretse Khama, uNgqongqos­he ehhovisi likaMengam­eli uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, umholi we-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi, umholi we-ANC uDkt John Dube nabanye abaholi.

Ezinkundle­ni zokuxhuman­a kusetshenz­iswa i-#AdamsColle­geTrashyTe­achers, #SaveAdamsC­ollegeFrom­Paedophile­s nethi #SaveOurGir­ls ukusabalal­isa umyalezo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa