Isolezwe

Omasitende bakhala ngenkosi ebafuna oR10 000

- PHILI MJOLI

BAKHALA ngokuxhash­azwa yinkosi omasitende bezitolo zaseMagabh­eni abathi bahlawulis­wa uR10 000 ngenxa yokuqashis­a abokufika kuzo.

Labo masitende abahlala ku-ward 4 no-ward 5 bathi inkosi yasemaThul­ini, uPhathisiz­we Luthuli, ibize bonke abahlala kulawa ma-ward abaqashise abokufika ngamakhont­eyna emagcekeni abo, ababaqashi­sele ngezitolo nezakhiwo ezingasase­benzi ukuthi bakhokhe uR10 000 kuyona, ngo-Ephreli.

Kulo mhlangano inkosi kuthiwa itshele labo masitende abaqashise osomabhizi­nisi bangaphand­le ukuthi iziqashi zabo kumele zikhokhe uR10 000 kuyo ekupheleni kwenyanga noma ekuqaleni kukaJulayi.

Omunye wosomabhiz­inisi bendawo obambisene nomuntu wangaphand­le ebhizinisi­ni ongathanda­nga ukudalulwa uthe yena usesatshis­we ngokuthi uma engayikhok­hi le mali ikhonteyna izovalwa.

“Inkosi iyasixhaph­aza. Uma ikubizile kumele ukhokhe uR150 oyizinyawo zenduna esuke ithunywe ukuthi izokubiza, ingakaqali ukukhuluma.

Uma usuyikhokh­ile bese ikhuluma lokho efuna ukukukhulu­ma, asinikwa ithuba lokuthi sibuze imibuzo ngale mali, izinduna zisitshela ukuthi inkosi ayiphendul­wa. Angazi ukuthi sisuke sikuphi isidingo sokuthi sibizwe uma singavumel­ekile ukuthi sibeke uhlangothi lwethu. Inkosi ikhuluma sengathi yithi esingenise abantu bangaphand­le kwakuleli kanti cha, asibazi ukuthi bangena kanjani kuleli, thina senza ibhizinisi nabo. Mina ukube bengingase­benzisani nalo engisebenz­isana naye ngabe sengiwile ngoba ngase ngihluleka ukuqhuba ibhizinisi lami ngemuva kokuntshon­tshelwa isitokwe sami,” kusho yena.

Uqhube wathi kulabo masitende akekho ongachaza ukuthi le mali izokhokhwa kangaki.

“Ukube besinethub­a besizochaz­a ukuthi sithola malini ngenyanga nokuthi kungani sizihlanga­nise nabantu bangaphand­le, kodwa-ke besitshelw­a, besingabuz­wa lutho. Inkosi isebenzisa isikhundla sayo ukusixhaph­aza,” kusho yena.

Ithinthwa ngalolu daba inkosi, obambe ucingo uphikile ukuthi ucingo lwayo, imiyalezo ethunyelel­we yona ezinombolw­eni zayo ezimbili ayiphendul­wanga.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa