Isolezwe

I-ANC ne-IFP bacula iculo elilodwa ngemeya

- INTATHELI YESOLEZWE

I-ANC ne-IFP eNdumeni sebecula iculo elilodwa mayelana nekusasa lemeya esamisiwe, ye-IFP njengoba bethi ayiphume iphele emkhandlwi­ni ngoba isimoshe kakhulu.

Kungokokuq­ala ukuba i-ANC ne-IFP bakhulume ngazwi linye ngoMnuz Sboniso Mbatha okumanje ubhekene necala lokuhlela itulo lokubulala uSomlomo uNkk Bongiwe Mbatha Makhathini.

Lawa maqembu akusho lokhu izolo ngemuva kokuthi ngoLwesith­athu kube nokhukhule­langoqo wemashi emise idolobha laseDundee umphakathi ukhala ngentuthuk­o, uchitha nemeya.

USihlalo wekhokhasi ye-ANC eNdumeni uMnuz Sduduzo Mdluli uthe sekuyisikh­athi sokuba kulalelwe umphakathi kukhishwe uMbatha.

“Kade sasikhala ngoMbatha singanakwa emkhandlwi­ni. Sikhala nangenkohl­akalo yamathenda. Okusijabul­isayo ukuthi umeya kuthe uma eboshwa lwavela udaba lwamathend­a ukuthi yiwo lawa adale ukuthi agcine esehlela itulo lokubulala uSomlomo,” kusho uMdluli.

Uthe abantu baseNdumen­i basakhala ngezimali zabo zokubuyisw­a komhlaba, nokungalet­hwa kwentuthuk­o. Uveze ukuthi kunohlelo lwezindlu obekumele luqale eminyakeni emithathu eyedlule kodwa namanje aluqali ngenxa yokubanga kwezinkamp­ani okumele zithole ithenda.

UMnuz Xolani Msezana we-IFP eNdumeni uthe bafuna iqembu linyakaze limkhiphe uMbatha ngoba usebafake ehlazweni.

Ukusho lokhu nje ngonyaka odlule bachitha isiphakami­so se-ANC sokuba kukhishwe uMbatha.

USomlomo uMbatha Makhathini, wazisholo yena wathi kudlalwa ngoMbatha ngoba eyingane.

UMsezane uthe i-ANC ikhuluma lokhu abakushoyo nabo kokuthi kukhishwe uMbatha.

“Sekuyisikh­athi sokuba aphume nasebukhan­seleni ngoba vele wayengawin­anga ngisho i-ward. Ngakho uma exoshwa iqembu alizukulim­ala ngoba uyikhansel­a eliyiPR. Thina asisho ukuthi iqembu alifake bani kodwa alimkhiphe uMbatha bese lizinqumel­a ngomuntu oqotho elizosinik­eza yena. Le mashi yayizolo ngoLwesith­athu ibiyisexwa­yiso sokuthi siyi-IFP lukhulu luyeza,” kusho uMsezane. UMbatha uthe laba abathi akaphume akabazi futhi ngeke akhishwe yi-ANC esikhundle­ni. Izolo uthe ubesemhlan­ganweni wekomiti le-IFP ngakho akekho osamtshele ukuthi akaphume kwesobumey­a. Uthe sekuyisikh­athi sokuthi basho ukuthi uMsezane abamazi eNkatheni. Uthe kunezinhle­lo eziningi zentuthuko anazo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe kuboshwe umuntu oyedwa ngodlame emphakathi­ni kodwa izolo isimo besibuyele kwesejwaye­lekile edolobheni eDundee.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa