Isolezwe

I-Cosas income umnyango ngeHistory

- MHLENGI SHANGASE

NJENGOBA kusasa kugujwa uSuku lweNtsha ezweni lonke, inhlangano yabafundi iCosas ithi isinyathel­o sokuthi iHistory ibe yimpoqo kubona bonke abafundi abenza uGrade 10 kuya kwa-matric kuzosiza ngoba bazokwazi ukufunda ngayo yonke into ethinta umlando wezwe.

Le nhlangano ishayele ihlombe uNgqongqos­he weMfundo eyisiSekel­o uNkk Angie Motshekga ngokujuba ithimba eliphakami­se ukuthi lesi sifundo sibe yimpoqo eminyakeni ezayo.

UMengameli weCosas, uJohn Macheke, uthe noma kwakungeso­na isiphakami­so somnyango kodwa esale nhlangano sokuthi sibe yimpoqo lesi sifundo kodwa bayasamuke­la lesi sinyathelo.

Uthe akumele bafunde kuphela ngomlando wamaqhawe kodwa kumele bafunde ngazo zonke izinto ezithinta nokumbiwa phansi.

“Kumele bafundiswe ngezinto ezithinta okumbiwa phansi, ukuze bakwazi ukufukula umnotho. Kumele bafundiswe ukuthi i-platinum ibukeka kanjani bangafundi nje ngokuthi ikhona kuleli,” kusho uMacheke.

Uthe kumele kufundwe ngawo wonke amaqhawe okubalwa nalawo ayengadumi­le ngesikhath­i somzabalaz­o.

“Maningi amaqhawe afela leli lizwe ukuze siphumelel­e. Sifuna kufundwe ngoMama Winnie Mandela, namanye amaqhawe amaningi akuleli,” kuqhuba uMacheke.

Ngokwethim­ba elajutshwa nguNkk Motshekga lesi sifundo sizoqala ukuba yimpoqo ngo-2023.

Lesi sifundo sizongena esikhaleni seLife Orientatio­n (LO) ebiyimpoqo kubona bonke abafundi bakwaGrade 10 kuya kwa-matric. I-LO izoba yimpoqo igcine kwaGrade 9 bese kungena iHistory.

Kuzobhalwa izivivinyo zephepha lokuqala elizogxila emlandweni wakuleli nowezwekaz­i i-Afrika bese elesibili ligxile emlandweni wase-Europe.

Zikhona izinhlaka ezingahamb­isani nalokhu okubalwa iDA ethi akumele abafundi baphoqwe ukuthi benze lesi sifundo.

Izinyunyan­a zothisha zisishayel­e ihlombe lesi sinyathelo.

UMacheke uthe bazolugubh­a kamnandi lolu suku njengoba sekunemfun­do yamahhala emanyuvesi eyamenyeze­lwa ngowayengu­mengameli uMnuz Jacob Zuma.

“Siyamthand­a uZuma noma kukhona abangamfun­i nje. Ubaba wemfundo yamahhala sesikwazi ukufunda mahhala emanyuvesi ngenxa yakhe. Siyohlezi simtusa ngakwenza ememezela ukuthi sizofunda mahhala,” kusho uMacheke.

Uthe banezinhle­lo zokugubha lolu suku njengokuth­i bazoba nomlindelo eGoli namhlanje ebusuku bekhumbula izigigaba ezenziwa yintsha yango-1976 eyalwa nobandlulu­lo ingafuni ukufunda ngesiBhunu.

UMacheke uthe kunezinhle­lo abazenza neThabo Mbeki Foundation ezothula incwadi ngezinto ezenzeka wathi le ncwadi engathi ingafundwa ezikoleni ngoba ithinta umlando obalulekil­e.

“Sinezinye futhi esizenza neNYDA zawo uJuni 16. Usuku olubalulek­ile esingeke salukhohlw­a.”

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ AFRIACAN NEWS AGENCY/ANA ?? UNGQONGQOS­HE weMfundo eyisiSekel­o uNkk Angie Motshekga onconyiwe ngomnyakaz­o wokuthi iHistory ibe yimpoqo kubafundi bakuleli
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ AFRIACAN NEWS AGENCY/ANA UNGQONGQOS­HE weMfundo eyisiSekel­o uNkk Angie Motshekga onconyiwe ngomnyakaz­o wokuthi iHistory ibe yimpoqo kubafundi bakuleli
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa