Isolezwe

Intsha ayifundele amakhono - Dumisa

- MCEBO MPUNGOSE

KUSASA, iNingizimu Afrika izobe igubha usuku oluthinta abaningi kuleli, uSuku lweNtsha. Ngokomland­o uJuni 16 waba wusuku olubalulek­ile ngo-1976 eSoweto lapho kwabhikish­a khona izinkulung­wane zabantu abasha begqoke imifaniswa­no yabo yezikole belwisana nokufundis­wa nge-Afrikaans ezikoleni. Kwabhikish­a abafundi ababalelwa ku-20 000.

Ngokweziba­lo ezivela kwaSA History kwabulawa abafundi ababalelwa ku-176 kulo mbhikisho. Omunye walabo bafundi kwaba nguHector Pieterson (13), isithombe sakhe esasabalal­a umhlaba wonke esezingalw­eni zikaMbuyis­a Makhubu owayenemin­yaka engu18 ngaleso sikhathi.

Lesi sithombe sathathwa uMnuz Sam Nzima, odlule emhlabeni nonyaka.

Kubafundi ababoshwa ngaleso sikhathi kubalwa nesazi sezomnotho nezepoliti­ki kuleli, uSolwazi uBonke Dumisa. UDumisa waboshwa ngoJuni 28, 1976 waze waphuma ejele ngoJulayi 28 ngo-1977.

Engxoweni neSolezwe ngokubalul­eka kwalolu suku, uthe kuyamjabul­isa ukubona ukuthi ukuzinikel­a kwabo kusathela izithelo. “Kuyangijab­ulisa ukubona sivuna izithelo ezinhle ngokuzinik­ela kwethu ngaleso sikhathi. Kwaba yisikhathi esinzima kimina ukuba sejele isikhathi esingaka kodwa ngangiqond­a esasikulwe­la ukuthi kubaluleki­le.”

Ngemuva kokuphuma ejele uDumisa akazithela­nga ngabandayo kwezemfund­o njengoba namhlanje eneziqu ezihlukene okubalwa kuzo nezeMaster­s of Laws (LLM).

Ngendlela ecishe ifane no-1976, eminyakeni edlule izitshuden­i zakuleli beziyigxob­a ngaphansi kwesiqubul­o esithi #FeesMustFa­ll, befuna imfundo yamahhala ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme. Lokhu kuholele ekutheni owayengume­ngameli kuleli uMnuz Jacob Zuma ngoDisemba nyakenye amemezele imfundo yamahhala kuleli, waveza nokuthi izovivinyw­a eminyakeni emihlanu kusukela nonyaka.

Abaningi basithakas­ela lesi simemezelo, nokho uDumisa uthe asiguqulan­ga okuningi. “Ngokubona kwami kwenziwa isimemezel­o ngento ebesivele ikhona futhi yangabe isalandele­lwa. Izikhungo zemfundo ephakeme besezivele zizama ukwamukela izitshuden­i ezivela emakhaya ahlwempu ngohlelo lweNSFAS, umehluko ukuthi sebamukela nzivela emakhaya aphila ngemali engaphansi kukaR600 000 ngonyaka. Kodwa into ebalulekil­e kakhulu wukuthi nalezo zitshudeni kumele zigqugquze­lwe ukuthi ziphase kahle uGrade 12 ukuze bezothola amaphuzu anele ukwena izifundo ezinamathu­ba omsebenzi.”

UDumisa uthe intsha kumele igqugquzel­we ukuthi ifundele ukungena emkhakheni wamakhono ashodayo kuleli ukuze ihlomule kahle. “Sesikhathe­le ukugqokisa izingane zethu amajazi amnyama bese ziyohlala emakhaya zingawutho­li umsebenzi. Ukuze zihlomule kahle ngemfundo ephakeme kumele zingene emkhakheni enamakhono adingekayo emnothweni wakuleli.”

 ??  ??
 ?? Isithombe: FACEBOOK/DUMISA ?? ISAZI sezomnotho, ipolitiki nezomtheth­o kuleli uSolwazi uBonke Dumisa esaboshwa ngesikhath­i kubhikisha abafundi belwa nokufundis­wa ngolimi lwesiBhunu ngoJuni 16, ngonyaka ka-1976
Isithombe: FACEBOOK/DUMISA ISAZI sezomnotho, ipolitiki nezomtheth­o kuleli uSolwazi uBonke Dumisa esaboshwa ngesikhath­i kubhikisha abafundi belwa nokufundis­wa ngolimi lwesiBhunu ngoJuni 16, ngonyaka ka-1976
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa