Isolezwe

Benza imithi ebulala amagciwane emathoyile­thi

- BONISWA MOHALE

OSOMABHIZI­NISI abancane baseThekwi­ni oMnuz Ncedo Shoba (25) waseMlaza noMnuz Thabani Mjadu (23) waseMontcl­air bagqugquze­la intsha ukuthi ivuke izithathe ingalindi uhulumeni ukuthi ayisize. Laba banenkampa­ni eyakha isifutho esibulala amagciwane ezindlini zangasese.

UShoba uthe okwenza waqala ibhizinisi lakhe iLaphenya Pty LTD wukuzwa abesifazan­e bekhala ngosizi lokungenwa yizifo emuva kokusebenz­isa izindlu zangasese zomphakath­i.

ILaphenya Pty LTD uShoba uyisungule noMnuz Nkululeko Mahlobo (32) ngo-2014 kanti ikhiqiza umuthi obulala amagciwane iZipp.

“Umkhiqizo wethu ubizwa ngeZipp Toilet Seat Sanitiser kanti ufuthwa ezindlini zangasese ukuze ubulale amagciwane. Umbono wokuqala leli bhizinisi wangifikel­a emuva kokuthi umngani wami ekhale ngokugula emuva kokusebenz­isa indlu yangasese yomphakath­i. Saqala ukuzixubel­a amakhemikh­ali noNkululek­o sathola ukuthi umkhiqizo wethu uyawabulal­a amagciwane,” kusho uShoba.

Uthe iZipp Toilet Seat Sanitiser ibulala amagciwane endlini yangasese kanti iyafuthwa naphakathi ethoyileth­i ukuze umuntu osaba amagciwane aphephe.

“Intsha ayingalind­i uhulumeni ukuthi ayakhele amathuba kodwa ayisungule amabhizini­si ukuze idale amathuba omsebenzi,” kusho uShoba.

Uthe kuphephile nokusebenz­isa iZipp ezandleni ukuze umuntu abulale amagciwane.

“Njengoba sacishe sashisa umuzi sakhetha ukuthi sisebenzis­ane nenye inkampani enkulu iGeoChem esixubela amakhemikh­ali ngendlela ephephile kanti manje sesikwazi ukudayisa imikhiqizo yethu emakhemisi nasezitolo zezimonyo. Siqale sidayisela abangani kodwa ngoba sifuna ukuthuthuk­a sikwazi ukungena ezitolo,” kusho uShoba.

Uthe uthole inhlanhla yokuqeqesh­wa yiRaizcorp ohlelweni oluthuthuk­isa osomabhizi­nisi abancane.

UMqondisi weLaphenya, uMjadu, uthe baphinde basizwa yisikhungo esithuthuk­isa osomabhizi­nisi abancane, i-Invotech ngemali yokuqala ibhizinisi kanti kukhona nabanye abatshala imali kulona.

“I-Invotech yisikhungo esicathuli­sa osomabhizi­nisi abancane kuyimanje sisebenzel­a eBotanic Gardens Road lapho besiqaphe khona ngeso lokhozi ukuqinisek­isa ukuthi iZipp wumkhiqizo owaziwayo eNingizimu Afrika yonkana. Okwamanje idayiswa esitolo sezimonyo esiseMegaC­ity iBuhlebemv­elo, isezitolo zakwaBeaut­y Zone nayo edayisa izimonyo nasezitolo eziseHowar­d College naseNyuves­i yaseZulula­nd,” kusho uMjadu.

Uthe selokhu bayethula ezitolo iZipp, abantu bayayithen­ga futhi bavamise ukusho izinto ezinhle ngayo.

“Indlela abantu abayincoma ngayo sesizimise­le nangokuthu­la iZipp enesithako esinombala othile ngoba okwamanje ibukeka sengathi ingamanzi. Sifuna ukudlondlo­bala sifinyelel­e nakwamanye amazwe ase-Afrika,” kusho uMjadu.

Ngonyaka odlule uShoba noMahlobo bahlaba umxhwele amajaji emncintisw­aneni wosomabhiz­inisi abancane i-Engen Pitch & Polish.

UShoba uthe uneziqu zeMaritime neze-Enterprise Developmen­t kodwa akangenang­a emkhakheni wezasolwan­dle ngenxa yokuthi wayethanda ukuba nebhizinis­i akwazi ukuziphath­a.

Uthe banekhasi likaFacebo­ok lapho abantu bebeka khona imibono yabo elithi zipp sanitiser kanti kuTwiiter naku-Instagram baku- zipp_sanitiser.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa