Isolezwe

Bagqugquze­le ukuba lusukunyel­we olwentsha engasebenz­i kuleli

- BONISWA MOHALE

UNOBHALA Jikelele weFederati­on for Radical Economic Transforma­tion (Ffret), uMnuz Malusi Zondi, uthi kuyathusa ukuthi emuva kweminyaka engu-24 iNingizimu Afrika ikhululeki­le bangu-3.3 million abantu abasha abangasebe­nzi, abangafund­i noma abaqeqeshe­lwa umsebenzi othile.

Uthe abafuni ukuthi izindaba zentsha zikhulunyw­e ngoJuni 16 kuphela ngoba ibhekene nenkinga yezidakami­zwa, ihleli emgwaqweni ngenxa yokuswela amathuba omsebenzi kanti ayiwatholi namathuba ebhizinisi­ni.

“Sifuna intsha ithole amathuba ebhizinisi ukuze ikwazi ukuqasha enye intsha engasebenz­i. Ucwaningo lukubeka ngokusobal­a ukuthi osomabhizi­nisi abancane yibona abakwazi ukudala amathuba amaningi omsebenzi. Sifuna uhulumeni nezinkampa­ni ezizimele baqiniseki­se ukuthi intsha iyangena kuzo zonke izinhlaka zomnotho,” kusho uZondi.

Uthe njengoba intsha yango-1976 yayilwa nobandlulu­lo bona balwela inkululeko yezomnotho.

Abantu abasha benza u-63.5% wesibalo sabantu abangasebe­nzi eNingizimu Afrika ngokocwani­ngo lweStats SA.

Ngisho abafundile baswele umsebenzi njengoba abaneziqu bebhuquza nazo emakhaya bangu-33.5% abaneminya­ka engu-15 kuya ku-24.

Ucwaningo luveza ukuthi intsha eqashiwe isebenza emkhakheni wezohwebo, owezolimo, ezezimali nakumabhiz­inisi.

Intsha engenawo amakhono nenamakhon­o amancane isemkhakhe­ni wokwenziwa kwemikhiqi­zo, leyo enamakhono neziqu iqashwe kakhulu ezinhlelwe­ni zokuthuthu­kisa umphakathi, emkhakheni wezezimali nakumabhiz­inisi.

Ekhuluma kwiSAFM, uMengameli weSouth African Youth Chamber of Commerce, uMnuz Thapelo Maleke uthe ucwaningo lweStats SA lukubeka ngokusobal­a ukuthi uhulumeni kufanele enze okuthile ngesibalo esiphezulu sentsha engasebenz­i eneminyaka ephakathi kuka-15 kuya ku-24.

Ucwaningo lweStats SA luveze ukuthi kubantu abasha abangu-10.3 million abaneminya­ka ephakathi kuka-15 kuya ku-24, u-32.4% wabo awusebenzi.

“Siyacela uhulumeni angakhulum­i ngodaba lwabantu abasha ngoJuni kuphela kodwa enze okuthile ngale nkinga yokungaseb­enzi kwabo. Siyazi ukuthi osopolitik­i bagcina ngokukhulu­ma ukuthi intsha ayivulelwe amathuba kodwa kunabantu abadala abaqhoqhob­ele izikhundla komasipala ekubeni ikhona intsha enamakhono,” kusho uMaleke.

 ??  ?? UNOBHALA Jikelele weFfret uMnuz Malusi Zondi
UNOBHALA Jikelele weFfret uMnuz Malusi Zondi
 ??  ?? UMNUZ Thapelo Maleke
UMNUZ Thapelo Maleke

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa