Bagqugquzele ukuba lusukunyelwe olwentsha engasebenzi kuleli
UNOBHALA Jikelele weFederation for Radical Economic Transformation (Ffret), uMnuz Malusi Zondi, uthi kuyathusa ukuthi emuva kweminyaka engu-24 iNingizimu Afrika ikhululekile bangu-3.3 million abantu abasha abangasebenzi, abangafundi noma abaqeqeshelwa umsebenzi othile.
Uthe abafuni ukuthi izindaba zentsha zikhulunywe ngoJuni 16 kuphela ngoba ibhekene nenkinga yezidakamizwa, ihleli emgwaqweni ngenxa yokuswela amathuba omsebenzi kanti ayiwatholi namathuba ebhizinisini.
“Sifuna intsha ithole amathuba ebhizinisi ukuze ikwazi ukuqasha enye intsha engasebenzi. Ucwaningo lukubeka ngokusobala ukuthi osomabhizinisi abancane yibona abakwazi ukudala amathuba amaningi omsebenzi. Sifuna uhulumeni nezinkampani ezizimele baqinisekise ukuthi intsha iyangena kuzo zonke izinhlaka zomnotho,” kusho uZondi.
Uthe njengoba intsha yango-1976 yayilwa nobandlululo bona balwela inkululeko yezomnotho.
Abantu abasha benza u-63.5% wesibalo sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika ngokocwaningo lweStats SA.
Ngisho abafundile baswele umsebenzi njengoba abaneziqu bebhuquza nazo emakhaya bangu-33.5% abaneminyaka engu-15 kuya ku-24.
Ucwaningo luveza ukuthi intsha eqashiwe isebenza emkhakheni wezohwebo, owezolimo, ezezimali nakumabhizinisi.
Intsha engenawo amakhono nenamakhono amancane isemkhakheni wokwenziwa kwemikhiqizo, leyo enamakhono neziqu iqashwe kakhulu ezinhlelweni zokuthuthukisa umphakathi, emkhakheni wezezimali nakumabhizinisi.
Ekhuluma kwiSAFM, uMengameli weSouth African Youth Chamber of Commerce, uMnuz Thapelo Maleke uthe ucwaningo lweStats SA lukubeka ngokusobala ukuthi uhulumeni kufanele enze okuthile ngesibalo esiphezulu sentsha engasebenzi eneminyaka ephakathi kuka-15 kuya ku-24.
Ucwaningo lweStats SA luveze ukuthi kubantu abasha abangu-10.3 million abaneminyaka ephakathi kuka-15 kuya ku-24, u-32.4% wabo awusebenzi.
“Siyacela uhulumeni angakhulumi ngodaba lwabantu abasha ngoJuni kuphela kodwa enze okuthile ngale nkinga yokungasebenzi kwabo. Siyazi ukuthi osopolitiki bagcina ngokukhuluma ukuthi intsha ayivulelwe amathuba kodwa kunabantu abadala abaqhoqhobele izikhundla komasipala ekubeni ikhona intsha enamakhono,” kusho uMaleke.