Isolezwe

Umculi uhlaba indaba yobambo

- MCEBO MPUNGOSE noKWANDOKU­HLE NJOLI

ZINSUKU ezifana nosuku lobaba yizo ezikhumbuz­a amadoda ngokubalul­eka kwawo emndenini nasemphaka­thini.”

Lawa ngamazwi adluliswe ngumculi ophinde abe ngumdidiye­li osesebenzi­sane nabaculi abaningi endimeni yezobuciko.

UMondli Ngcobo ube nengxoxo neSolezwe ngokubalul­uleka kosuku lobaba oluzoba ngeSonto.

“Kubaluleki­le ukuthi sike sithole usuku lwethu nathi njengobaba. Obaba nabo bayadinga ukubongwa ngothando abalukhomb­isayo, ukusebenze­la imindeni yabo nokuyivike­la. Bakhona obaba abangalung­ile kodwa labo abenza kahle, kuhle ukuthi babungazwe,” kusho uMondli.

Lo mculi onendodana uNani Ngcobo eneminyaka emibili uthe into asayifundi­le ngokuba ubaba kule minyaka, ukuthi kubaluleki­le ukuthatha indawo yakho zisuka.

“Abantu besifazane babuye babe novalo ikakhuluka­zi uma ingane ike yagula, kumele uhlale ukhona uzomqinise­kisa ukuthi ingane izophila nokuthi angakhatha­zeki kakhulu,” kuqhuba yena.

Njengoba izigameko zokubulawa nokuhlukun­yezwa kwabantu besifazane nezingane kuleli kungenye yezinkinga ezibhekene nezwe, uMondli uthe indaba iqala ekhaya.

“Inkinga iqala endleleni abantu besilisa abakhulisw­a ngayo ekhaya. Ngaphezu kwalokho enye into okumele iphele yile nto yokuzitshe­la ukuthi umuntu ungowakho nale nto yokuthi ‘ungowami’. Le nto ‘yobambo lwami’ nayo kumele iphele ngoba idala izinkinga kubo bobabili abantu besilisa nabesifaza­ne,” usho kanje.

Uthe ukuze sehle isihlava sokubulawa kwabantu besifazane, abantu besilisa kumele bafunde ukwamukela uma abesifazan­e becela ukuhlukana nabo ngoba akekho umuntu ophethe omunye.

“Abantu besifazane nezingane bayizipho eziphuma eNkosini, ngakho isipho kusuke kungesona esakho kusuke kuyinto ephuma kuMdali akekho umuntu ongalawula umuntu oyisipho esiphuma eNkosini ngoba usuke engasiyena owakho.”

Uthe kuhle ukuthi obaba bake babungazwe babe nosuku ngoba isikhathi esiningi omama ababa namaholidi amaningi. Uthe abantwana bayayishin­tsha indlela wena ozibona ngayo njengomunt­u wesilisa.

“Ngezinye izikhathi izinto ezifana nomsebenzi kuyalehlis­a izinga lakho lokuzethem­ba kodwa uma ufika ekhaya kukhona umuntu okholelwa ukuthi uyiqhawe, obukela kuwena, othembeke kuwena, Lokhu kuyalinyus­a izinga lokuzethem­ba.”

UMondli uzobe egubha usuku lobaba nomndeni wakhe ekuseni ngaphambi kokuthi ayosebenza ntambama.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa