Isolezwe

Kukhalwa ngoSomlomo ‘oweba’ udizili

- INTATHELI YESOLEZWE

KUKHALWA ngoSomlomo kaMasipala wasoKhahla­mba, KwaZulu-Natal osolwa ngokulimaz­a izimoto zomkhandlu nokweba udizili kodwa ongathathe­lwa izinyathel­o.

UMnuz Sthembiso Zulu kuthiwa selokhu engene esikhundle­ni ngo2016, uselimaze izimoto ezimbili zomkhandlu kodwa kugcina kusulelwa abasebenzi.

“Sikhathaze­kile ngoba njalo amacala athinta uZulu kumasipala ayanyathel­wa bese kusulelwe abasebenzi ukuze kujeziswe bona. NgoMgqibel­o uthathe imoto yomkhandlu ebekelwe ukuba ashayelelw­e yona kodwa yena wazishayel­ela waya eThekwini. Esebuya washayisan­a neloli kanti kusolakala nokuthi ubephuzile. Le moto sekungeyes­ibili eyilimaza. Mayelana nodizili, usebanjwe kaningi ngabaseben­zi bakamasipa­la, ethela udizili emotweni yakhe eyiJeep esizana nomsebenzi wakwa-technical. Nalapho akazange ajeziswe,” kusho elinye ikhansela elicele kugodlwe igama lalo.

Lo mkhandlu uke waba sotakwini eminyakeni eyedlule ngesikhath­i kusaphethe iMeya uMnuz Vikizitha Mlotshwa ngaphansi kwe-IFP. Izinkinga zawo okubalwa nenkohlaka­lo zaholela ekutheni ufakwe ngaphansi komlawuli esigabeni 131 (b) nguhulumen­i wesifundaz­we.

IMenenja kamasipala, uMnuz Sizwe Nsibande, ivumile ukuthi zibekhona izigameko kodwa kwezinye zazo abukho ubufakazi obuthinta uSomlomo.

“Udaba lwemoto eyiToyota Forturner siyalwazi kodwa akunjengob­a nibikelwe. USomlomo ubebuya eThekwini ehamba nomsizi wakhe baba sengozini ehlanganis­a iloli. Okwamanje sisenza uphenyo ukuze sithole lonke ulwazi. Nokho silinde nokuba sibikele umkhandlu emhlanganw­eni olandelayo ngalolu daba ngoba asifihli lutho. Engozini yokuqala uSomlomo nalapho wayehamba nomsizi wakhe bashayisa inyamazane. Nalapho uphenyo lwenziwa salandela yonke imigudu efanele. Kulokhu okuthinta udizili, kuqale amaqembu aphikisayo akuveza sawatshela ukuthi awalethe ubufakazi obubhalwe phansi kodwa ehluleka,” kusho uNsibande.

Uqhube wathi abasebenzi ababethint­eka odabeni lukadizili babaqondis­a izigwegwe abanye bazivumela babajezisa.

UZulu ethintwa uthe yonke le nto isabalalis­wa ngabantu abangaphak­athi kuKhongolo­se abadlala ubuqembuqe­mbu nabamqambe­la amanga.

“Ngiyazi ukuthi umuntu okubikele lokhu uThulani Sibeko owake waba yiMeya yethu oKhahlamba ngoba washayela ucingo omunye wabasebenz­i bakamasipa­la ngesikhath­i siba nengozi. Angimazi ukuthi ngamdlelan­i uSibeko.. Mina vele utshwala ngiyabuphu­za kodwa angiphuzi emotweni. Udizili abawushoyo angiwazi ngoba uma ngiswele imali yawo ngiyicela kuMeya. Imoto ilimele ngoba sigudlwe iloli ku-N3 kwaphuma isibuko. Imoto yokuqala ayizange ilimale kodwa yashayisa inyamazane sayilungis­a u-bumper,” kusho uZulu.

USibeko uthe akafuni ukuphawula okuningi kodwa njengesakh­amuzi kumphatha kabi ukuthi umkhandlu abawutakul­a uwile namhlanje babona ubuyiselwa odakeni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa