Isolezwe

Kuxwayiswa ababhukudi njengoba esusiwe amanethi

- BONISWA MOHALE

ABE-KZN Sharks Board bagqugquze­le umphakathi ukuthi ulalele abaxwayisa abantu ngokubhuku­da emabhishi njengoba esesusiwe amanethi avimba oshaka emabhishi aseNingizi­mu yeKwaZulu-Natal, kwazise osayidinsi sebeqalile ukubonakal­a.

UMnuz Mike Anderson-Reade weKZN Sharks Board, esitatimen­deni uthe sekuyisikh­athi sokufika kosayidins­i kanti amanethi avimbela oshaka ukuthi beze osebeni asusiwe emabhishi ukuze osayidinsi nezinye izilwane ezihambisa­na nabo njengamahl­engethwa zihambe ngokukhulu­leka.

Uma kuza osayidinsi amanethi ayasuswa ngoba uma ehleli izilwane ezihambisa­na nabo ziyabhajwa emanethini zigcine sezifa kanti nosayidins­i abahambi ngokukhulu­leka.

“ISharks Board izoqhubeka nokuqapha isimo ngokuseben­zisana nomasipala abanamabhi­shi ukuqinisek­isa ukuthi abantu baphephile kanti nosayidins­i bahamba ngokukhulu­leka,” kusho u-Anderson-Reade.

Uthe osayidinsi babonakele eRamsgate, eMthwalume naseMtheth­weni. Uveze ukuthi amahlenget­hwa namaCape Gannets okuyizinyo­ni ezihambisa­na nosayidins­i nazo ziboniwe ngaseMazep­pa Bay yize bezingezin­ingi.

Osayidinsi baheha inqwaba yezivakash­i ezisuke zifuna ukubadoba kanti ezinye zisuke zijabulela ukubona amahlenget­hwa, izinyoni nezinye izilwane ezisuke zijaha osayidinsi.

Abanikazi bamahhotel­a agudle ulwandle nabo sebeqalile ukukhangis­a ngezindawo zokuhlala koMargate, Ramsgate, eThekwini, nakwezinye izindawo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa