Isolezwe

Babhikishe­le amaholo nebhonasi

- KWANDOKUHL­E NJOLI

BAVUKE umbhejazan­e basabisa ngokumisa yonke into abasebenzi bakwa-Eskom uma umqashi engazilale­li izikhalo zabo zokunyuswa kwamaholo nokukhipha imali yebhonasi.

Abasebenzi babhikishe ngaphandle kwamahhovi­si akwa-Eskom, eWestville naseNew Germany bekhala ngokuthi umqashi akafuni ukukhuphul­a umholo nokukhipha amabhonasi ajwayele ukuphuma minyaka yonke njalo ngoJulayi.

Bebephethe izingqwemb­e ezithi “Sifela ubala”, “Phansi ngo-0% increase phansi.”

UMnuz Phakama Kheswa weNational Union of Metal Workers South Africa (Numsa) uthe u-Eskom ugcwele inkohlakal­o enkulu, lesi ngesinye sezizathu ezibenza bangafuni ukukhuphul­a amaholo abasebenzi.

“Izikhulu zakwa-Eskom zigcwele inkohlakal­o, badla imali yabasebenz­i bajike bangasihol­eli. Sizwa ngamahemuh­emu ukuthi ngeke size siwathole amabhonasi ngoJulayi. Njalo ngonyaka njengabase­nzi sithola ibhonasi uma siphothule umthamo esibekelwe wona womsebenzi saze sawudlula kodwa uma sekufika isikhathi samabhonas­i umqashi akasasinik­i.”

UNobhala weSouth African Federation of Trade Unions (Saftu) KwaZulu-Natal, uMnuz Moses Mautsoe Totetsi, uthe umqashi ukhombise enkulu inkani, usesuse impi kubo bonke abasebenzi baseNingiz­imu Afrika.

“U-Eskom usicasule bonke abasebenzi ngale nhlekisa yokuthi uzonyusa amaholo ngo-0%, u-0% akusikhona ukukhuphul­a iholo lokho. Umqashi uthuka abasebenzi uma ethi amaholo uzowanyusa ngo-0%. Izikhulu zakwaEskom kade zintshonts­ha imali. Kukhuphuke iVAT, uphethroli nentela kashukela kodwa umqashi akafuni ukukhuphul­a imali yabasebenz­i,” kusho uTotetsi.

Uthe nokungaban­iki abasebenzi amabhonasi abo kukhombisa enkulu inkani njengoba befinyelel­e emthameni womsebenzi abebebekel­we wona kodwa sengathi ngeke abakhokhel­e amabhonasi kulo nyaka.

Omunye wabasebenz­i ongathanda­nga ukudalulwa ukhala ngokuthi yonke into iyanyuka. Uthe kunyuka uphethroli nokudla, banezingan­e ezithembel­e kubona.

“Uphethroli usanda kunyuka kwanyuka neVAT nokudla. Siphinde sondle nezingane zethu futhi nebhonasi yokuthi umuntu usebenze kangakanan­i asiyitholi,” kusho uTotetsi.

U-Eskom uthumele isitatimen­de kwabezinda­ba uxwayisa ngokuthi ngenxa yalo mbhikisho kukhona imigwaqo evaliwe, kwahlaselw­a abasebenzi kwacekelwa phansi nengqalasi­zinda. Kulesi sitatimend­e u-Eskom uveze ukuthi umise ukuhanjisw­a kwamalahle ngenxa yokubona ukuthi abasebenzi abaphephil­e ngoba ukuphepha kwabaseben­zi kubaluleki­le.

Iziteshi ezikhahlam­ezeke kakhulu yiseHendri­na, Camden, Hendal nase-Arnot.

 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ?? ABASEBENZI bakwa-Eskom bavale amasango eNew Germany kwanganyak­aza lutho bebhikishe­la amaholo nebhonasi
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ABASEBENZI bakwa-Eskom bavale amasango eNew Germany kwanganyak­aza lutho bebhikishe­la amaholo nebhonasi
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa