UKhongolose ukhala ngababhimbisa izinhlelo zokhetho
I-ANC eThekwini ixwayise ngokuthi le nhlangano izolahlekelwa ngamavoti uma kuwukuthi amalungu anganelisekile ngezinqumo ezithile ayaqhubeka nokuthutheleka ezinkantolo.
Amalungu ezifunda ezine ze-ANC KwaZulu-Natal aye enkantolo ecela ukuthi kumiswe ingqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC eNyuvesi yaseZululand ngempelasonto eledlule.
Inkantolo ikumisile ukuba kuqokwe ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal, yathi kufanele ingqungquthela ihlale uma sezixazululiwe izikhalo zamalungu afake le nhlangano enkantolo.
UNobhala we-ANC eThekwini, uMnuz Bheki Ntuli, uthe ngeke bavume ukuthi kusetshenziswe izinkantolo ukuvimba i-ANC ukuthi ibe nobuholi obufanele KwaZulu-Natal ngoba lokhu kuzodala izinkinga uma sekukhankaselwa ukhetho.
“Kufanele engabe sesiyakhankasa manje futhi sinobuholi baKwaZulu-Natal ukuze abantu bavote. Uma kusenabantu okuthi uma bengavotelwanga bese beya ezinkantolo sizoba nenkinga. Kufanele abantu baqonde ukuthi i-ANC iyona ebalulekile esifundazweni, hhayi abangani babo, yingakho kufanele sibe nobuholi,” kusho uNtuli.
Uthe amacala asezinkantolo azoyilimaza i-ANC uma isikhankasa.
“Awukwazi ukukhankasa ungenabo ubuholi obusemthethweni. Uma izinto ziqhubeka kanje ngeke i-ANC ithole izibalo ezinhle okhethweni,” kusho uNtuli.
Uthe amakomidi amabili, ngaphansi kohlaka lwesikhashana lwe-ANC KwaZulu-Natal nobuholi bukazwelonke, afikile ukuzolungisa izingqinamba kusasele amasonto amabili ukuthi kuhlale ingqungquthela. “Yize ingqungquthela yethu ibalulekile kodwa abantu kufanele bakhumbule ukuthi kuseza ukhetho ngonyaka ozayo. Abantu abaqinisekise ukuthi babeka i-ANC phambili,” kusho uNtuli. UNkk Nocawe Mafu, oyilungu lekomidi eliphezulu le-ANC, uthe bakhathazekile ngokwenzeka KwaZuluNatal futhi abakawethuli umkhankaso wokhetho ngenxa yokuthi bamatasa nokulungisa udaba lwengqungquthela engahlalanga.
Uthe bathemba ukuthi ingqungquthela izobakhona emuva kwamasonto ayisithupha ngoba bazobe sebeyile nasenkantolo.