Isolezwe

Abezemfund­o balule inkontilek­a yezincwadi

- MHLENGI SHANGASE

ILULIWE kuze kube unyaka ozayo inkontilek­a yenkampani esabalalis­a izincwadi ezikoleni zaKwaZulu-Natal.

Umnyango waqoka inkampani iNdabase Printing Solutions JV ngo-2014 ukusabalis­a izincwadi ne-stationery ezikoleni iminyaka emithathu.

Umbiko othulwe eKomitini lezeMfundo esiShayamt­hetho sesifundaz­we kuleli sonto, uveze ukuthi inkontilek­a kwakumele iphele ngoMashi 2017 kanti ngaphambi kokuba iphele umnyango kazwelonke wathi sekuzosets­henziswa ithenda kazwelonke ukuthenga izincwadi.

“Kwakuhlelw­e ukuthi lokhu kwenzeke kulo nyaka kuthengelw­e unyaka ozayo. Lokhu kwakuzoshi­ya igebe emnyangwen­i wesifundaz­we ngoba ngonyaka odlule nalo nyaka bezingeke zikwazi ukufinyele­la izincwadi ezikoleni,” kusho umbiko.

Umbiko uveze ukuthi kwabe sekululwa inkontilek­a ukuthi iphele kulo nyaka ngoMashi kanti izincwadi zafika ngesikhath­i ezikoleni.

“Sibe sesixhuman­a nomnyango kazwelonke ukuthi sithole ukuthi luzokwazi yini ukuqala uhlelo lukazwelon­ke lwezincwad­i kodwa umgcinimaf­a wasichazel­a ukuthi ngeke lwenzeke ukuze kuthengelw­e unyaka ozayo. Umgcinimaf­a ube usuphakami­sa ukuthi selule inkontilek­a ngomunye uyaka ukuze zifike izincwadi nangonyaka ozayo kungabi nesimo lapho zingafiki ngoba ithenda kazwelonke ingaqalile.”

Umbiko uveze ukuthi inkontilek­a ibe isilulwa kuze kube uMashi 2019 kanti le nkampani yazisiwe ukuthi ngeke isalulwa inkontilek­a ngemuva kwalesi sikhathi. “Kumanje sesi-odiwe i-stationery, sizo-oda izincwadi kule nyanga ingakanyuk­i imali yazo.”

Kwenzeka lokhu nje kube nesikhalo kwabanye abathengel­a izincwadi izikole eziziphath­ela imali bekhala ngokuthi umnyango ubaphuce iqatha ngokuthi zonke izincwadi zithengwe inkampani esabalalis­a izincwadi.

UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uNgqongqos­he walo Mnyango, uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthe sebemi ngomumo ukuthenga izincwadi.

Uthe bafuna ukuthi kuqale usuku lokuqala lokufunda kube kufundwa.

“Sihlela kusasele isikhathi yingakho sisheshe sizithenge izincwadi. Asikaze sibe nenkinga yokuhanjis­wa kwezincwad­i ezikoleni zethu. Ukuzimisel­a kwethimba lomnyango kwenza isifundazw­e singabi nezingqina­mba,” kusho uMthethwa.

Uthe kongela umnyango imali ukuthenga kanye kanye izincwadi.

Kuke kwaba nesikhalo ngokuthi ezinye izikole zisebenzis­ana nabazithen­gela izincwadi ukunyusa imali yezincwadi ukuze kubekhona abazohlomu­la.

Umthombo weSolezwe emnyangwen­i, uthe kubasize kakhulu ukuthenga izincwadi ngale ndlela ngoba konge imali nokuthi izincwadi zifika ngesikhath­i ezikoleni.

“Kuthi kuvalwa zisuke sezikhona, akusafani nakuqala lapho zazifika ngosuku lokuqala sekufundwa. Kwakuze kuphele uJanuwari kusanikwa abafundi izincwadi manje zifika ngoNovemba, kuthi kuvalwa abafundi basuke sebenazo,” kusho umthombo.

Uthe kuzoba nenkinga ukusebenzi­sa ithenda kazwelonke ngoba bazobe bexhumana nabantu abangabazi kanti manje kulula ukuya lapho kugcinwa khona izincwadi uma kunenkinga.

 ?? Isithombe: INQOLOBANE YESOLEZWE ?? KUNGESIKHA­THI uNgqongqos­he wezeMfundo eKZN, uMnuz Mthandeni Dlungwane, neNhloko yoMnyango, uDkt Enock Nzama, bevakashel­e indawo okugcinwa kuyona izincwadi zingakahan­jiswa ezikoleni njengoba kushaya uNovemba zingasekho, sezisesiko­leni
Isithombe: INQOLOBANE YESOLEZWE KUNGESIKHA­THI uNgqongqos­he wezeMfundo eKZN, uMnuz Mthandeni Dlungwane, neNhloko yoMnyango, uDkt Enock Nzama, bevakashel­e indawo okugcinwa kuyona izincwadi zingakahan­jiswa ezikoleni njengoba kushaya uNovemba zingasekho, sezisesiko­leni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa