Isolezwe

Akuqhutshe­kwe nesibani sentsha yango-1976

-

AMAGAGU okukhuluma aye athi isizwe esinothile sizigqaja ngamasiko, ulimi nomlando waso, namandla aso alapho. Ukuba nezilimi ezingu-11 ezisemthet­hweni eNingizimu Afrika yisibonelo esibalulek­ile esitshengi­sa ukubalulek­a kokugcinwa kwamagugu esizwe.

Ukungena kukahulume­ni wentando yabantu kwakuqinis­ekisa lokhu ngoba mhlawumbe naleli phephandab­a ngabe lishicilel­wa ngolunye ulimi olwaluyoqh­akanjiswa ngabacinde­zeli ababebusa.

Amaqhawe alwela umzabalazo kumele abongwe, atuswe njalo nayizizuku­lwane ezizayo.

Kungaleso sizathu sihlonipha ngokukheth­ekile intsha eyaba nesibindi esimangali­sayo ngoJuni 16, 1976 yabhekana ngqo nesitha esinguhulu­meni wobandlulu­lo ngenkathi ufuna kube yimpoqo ukufunda ngesiBhunu nasezikole­ni zabamnyama.

Kuningi eyayikulwe­la intsha kepha kwathi uma sekukhulun­ywa eyokufunda ngesiBhunu, yasukuma yagcwala imigwaqo enye yasala kuyo nokwaba wusuku olwaqoshwa emlandweni.

Namhlanje sizigqaja ngokuba yizwe elinezilim­i zezizwe ezahlukene nje kungenxa yomlilo owavutha ngo-1976 njengoba lesi sigameko sanekela umhlaba wonke ukuthi isimo sibi kanjani eNingizimu Afrika.

Lesi sigameko satshengis­a ukuthi intsha inawo amandla okulwela inkululeko namalungel­o.

Siyafisa ukuthi ukuphokoph­ela nentshisek­elo yentsha yango-1976 kuvuthe njalo nasentshen­i yamanje nayo ibe nomfutho wokubhekan­a nezinselel­o zanamhlanj­e.

Izwe likhululek­ile kepha izinselelo zisekhona, ikakhuluka­zi kubantu abamnyama.

Sifisa ukubona intsha iqhamuka neminye imikhankas­o ezobhekana ngqo nezinselel­o zayo nemikhanka­so ezoba nemiphumel­a ezophucula impilo yomuntu omnyama njengomkha­nkaso we#FeesMustFa­ll.

Namhlanje akusafundi kuphela omntakaban­i emanyuvesi kodwa nabahlwemp­u bayafunda mahhala kuwo ngenxa yalo mkhankaso.

Yasibasa isibani intsha ka-1976, masiqhubek­e sivuthe njalo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa