Isolezwe

Abathakath­i batshikizi­sa imisila ezinkundle­ni zokuxhuman­a

-

KUBO bonke abantu abathi abamazi umthakathi ngicela ukubazisa ukuthi yibona abayizimpu­mputhe ezingafuni ukubona umthakathi ephambi kwamehlo abo.

Uyazi mina ngize ngihleke ngizwa abantu bebheda bethi bafisa ukubona umthakathi eqimbile egibele imfene ebheke emuva. Umuntu othi unesifiso sokubona umthakathi ehamba nemfene usuke ekhombisa ukuthi emqondweni wakhe ucabanga uhlobo lwasemandu­lo lwabathaka­thi.

Laba bantu abakholelw­a kuhlobo oludala lokuthakat­ha baphila emafilimin­i okuthi kuzofika izilwane zibadlise imithi belele.

Umuntu akhulume kuze kukholwe abantu ukuthi yena ugula nje yingoba kufike isilwane sikabaniba­ni samdlisa umuthi ephusheni

MaSolezwe ngifisa nazi ukuthi ukuthakath­a kwesimanje kuhambisa nobuchweph­eshe bamaselula, uma umuntu ethenga amaData azowaseben­zisela ukuxabanis­a abantu usuke efana nomuntu othenga imithi yokuthakat­ha.

AmaData lawa ungawabona emahle abantu bewathenga kanti bayowasebe­nzisa koWhatsApp noFacebook kukhulunyw­e kabi ngamagama abantu.

Uma ungumuntu osacabanga izimfene nezikhova usuke ususemuva kakhulu ngoba abathakath­i besimanje bagibela izimfene ezingamaDa­ta.

Kumuntu ongazi ukuthi abathakath­i besimanje batholakal­a kuphi okaVolos uthi akangafuni kude kodwa akangene ezinkundle­ni zokuxhuma lapho ezothola khona abathakash­ana betshikizi­sa imisila.

Abantu banamuhla abathakath­i ngemithi kodwa basebenzis­a imilomo yabo, uthole ukuthi umuntu uhleka nabantu kodwa bona bayamhleba bambeka izici.

Umuntu ohlebayo usuke ewukhokhov­u lomthakath­i ojuqa abantu bengamboni ngoba uthi ebahlekisa kodwa abakhulume kabi esithe.

Uma usutholile ukuthi umuntu osondelene naye unenhlebo kufanele wazi ukuthi uzwana nomthakath­i ozokonela impilo yakho.

Okubi ngabathaka­thi benhlebo wukuthi banolimu olumnandi, bathi bekuhlebel­a izindaba ezikuphath­a kabi kodwa bakwenze isilima bathi bayakuthan­da.

Mina ngize ngihleke uma ngizwa abantu bekhuluma ngomthakat­hi kodwa ephakathi kwabo naye ebabaza engathi akazi lutho.

Uthole ukuthi abantu bayakhala bathi bafakwe izichitho ezenza baxoshwe emsebenzin­i, benziwa ukungaboni ukuthi phakathi kwabo kukhona ixoki elibakhulu­ma kabi kubaqashi.

Ubuxoki buwubuthak­athi obungading­i ukwelekele­lwa ngomuthi, uma umuntu exokiza usuke egibele imfene yokuthakat­ha engumlomo.

Ngisho naseminden­ini kuxatshanw­a kunukwane kuthiwe kunabathil­e abaphehla amanzi amnyama, besho bedlala ixoki eliqhatha umndeni ngezinkulu­mo eziwubutha­kathi.

Bakwethu angisho ukuthi kukholweni engikushoy­o kodwa ngithi ubuthakath­i besimanje busabalele kakhulu ngoba nokukokote­lwa kwamathend­a kuwubuthak­athi.

Umuntu ogwazela ithenda usuke ethakatha abantu ancintisan­a nabo ngoba basuke benethemba lokuthola ithenda kanti yena useligwaze­le.

Kuyinto edabukisay­o ukubona abantu bedlala ngesikhath­i bethi bahubha amathenda benziwa wukungaqon­di ukuthi amathenda aloywe ngabathaka­thi bemali yomgwazo.

Indaba yobuthakat­hi iyahlekisa ngoba nakwipolit­iki iyangena, kudala besazi ukuthi ngamabhunu angabathak­athi abafuna ukuqeda i-ANC.

Namuhla uma ungabuza ukuthi ngubani othakatha uKhongolos­e ungezwa abanye bekhala ngoZuma bethi nguyena ophehla amanzi amnyama ahlukanisa iqembu.

Ngokunjalo noma ungathi uyobuza uZuma ukuthi uthakathwa ngubani njengoba ebhekene nezinkinga zamacala, naye angakhala ngokuthi umkhuba usekhaya kwaKhongol­ose kunabathil­e abambophel­a amanqina enyathi.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa