Abezemfundo balule inkontileka yezincwadi
ILULIWE kuze kube unyaka ozayo inkontileka yenkampani esabalalisa izincwadi ezikoleni zaKwaZulu-Natal.
Umnyango waqoka inkampani iNdabase Printing Solutions JV ngo-2014 ukusabalisa izincwadi ne-stationery ezikoleni iminyaka emithathu.
Umbiko othulwe eKomitini lezeMfundo esiShayamthetho sesifundazwe kuleli sonto, uveze ukuthi inkontileka kwakumele iphele ngoMashi 2017 kanti ngaphambi kokuba iphele umnyango kazwelonke wathi sekuzosetshenziswa ithenda kazwelonke ukuthenga izincwadi.
“Kwakuhlelwe ukuthi lokhu kwenzeke kulo nyaka kuthengelwe unyaka ozayo. Lokhu kwakuzoshiya igebe emnyangweni wesifundazwe ngoba ngonyaka odlule nalo nyaka bezingeke zikwazi ukufinyelela izincwadi ezikoleni,” kusho umbiko.
Umbiko uveze ukuthi kwabe sekululwa inkontileka ukuthi iphele kulo nyaka ngoMashi kanti izincwadi zafika ngesikhathi ezikoleni.
“Sibe sesixhumana nomnyango kazwelonke ukuthi sithole ukuthi luzokwazi yini ukuqala uhlelo lukazwelonke lwezincwadi kodwa umgcinimafa wasichazela ukuthi ngeke lwenzeke ukuze kuthengelwe unyaka ozayo. Umgcinimafa ube usuphakamisa ukuthi selule inkontileka ngomunye uyaka ukuze zifike izincwadi nangonyaka ozayo kungabi nesimo lapho zingafiki ngoba ithenda kazwelonke ingaqalile.”
Umbiko uveze ukuthi inkontileka ibe isilulwa kuze kube uMashi 2019 kanti le nkampani yazisiwe ukuthi ngeke isalulwa inkontileka ngemuva kwalesi sikhathi. “Kumanje sesi-odiwe i-stationery, sizo-oda izincwadi kule nyanga ingakanyuki imali yazo.”
Kwenzeka lokhu nje kube nesikhalo kwabanye abathengela izincwadi izikole eziziphathela imali bekhala ngokuthi umnyango ubaphuce iqatha ngokuthi zonke izincwadi zithengwe inkampani esabalalisa izincwadi.
UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uNgqongqoshe walo Mnyango, uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthe sebemi ngomumo ukuthenga izincwadi.
Uthe bafuna ukuthi kuqale usuku lokuqala lokufunda kube kufundwa.
“Sihlela kusasele isikhathi yingakho sisheshe sizithenge izincwadi. Asikaze sibe nenkinga yokuhanjiswa kwezincwadi ezikoleni zethu. Ukuzimisela kwethimba lomnyango kwenza isifundazwe singabi nezingqinamba,” kusho uMthethwa.
Uthe kongela umnyango imali ukuthenga kanye kanye izincwadi.
Kuke kwaba nesikhalo ngokuthi ezinye izikole zisebenzisana nabazithengela izincwadi ukunyusa imali yezincwadi ukuze kubekhona abazohlomula.
Umthombo weSolezwe emnyangweni, uthe kubasize kakhulu ukuthenga izincwadi ngale ndlela ngoba konge imali nokuthi izincwadi zifika ngesikhathi ezikoleni.
“Kuthi kuvalwa zisuke sezikhona, akusafani nakuqala lapho zazifika ngosuku lokuqala sekufundwa. Kwakuze kuphele uJanuwari kusanikwa abafundi izincwadi manje zifika ngoNovemba, kuthi kuvalwa abafundi basuke sebenazo,” kusho umthombo.
Uthe kuzoba nenkinga ukusebenzisa ithenda kazwelonke ngoba bazobe bexhumana nabantu abangabazi kanti manje kulula ukuya lapho kugcinwa khona izincwadi uma kunenkinga.