Isolezwe

Isikhalo seDA ngezitshud­eni ezingakahl­omuli kwiNSFAS

- MHLENGI SHANGASE

I-DA ikhala ngesibalo esikhulu sezitshude­ni ezingakayi­tholi imihlomulo yazo esikhwamen­i iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS).

Ithe zingu-121 974 izitshuden­i ezingakaxh­aswa, u-83% wazo usemanyuve­si kuthi u-17% ube semakolish­i amakhono amaTechnic­al Vocational Education and Training (TVET).

Okhulumela iDA emfundweni ephakeme, uSolwazi Belinda Bozzoli, uthe uhlelo lwemfundo yamahhala luhlupheki­sa izitshuden­i ezisalinde ukuthola imali yokwenza izidingo ezibalulek­ile zithenge nezincwadi.

Uthe izitshuden­i azikwazi ukuthola izindawo zokuhlala nezincwadi ngenxa yokungakho­khwa kwemihlomu­lo.

“Sifuna ungqongqos­he wemfundo ephakeme enze okuthile ngalokhu kubambezel­eka njengokusu­ngula isikhwama esizobheka­na nalokhu,” kusho uSolwazi Bozzoli.

Uthe unyaka usuphakath­i kodwa izitshuden­i azixhasiwe wathi lokhu kunganyusa isibalo sabantu abangasebe­nzi uma zigcina ngokungaxh­aswa.

Ngeledlule iPhini likaNgqong­qoshe weMfundo ePhakeme, uMnuz Buti Manamela, nesikhulu seNSFAS, uMnuz Steven Zwane, baye ezikhungwe­ni ezehlukene becela izitshuden­i ukuthi zisayine amafomu okuxhaswa.

Abesikhwam­a bakhale kakhulu ngezitshud­eni ezingawasa­yinile amafomu abangakwaz­i ukuzixhasa ngaphambi kokusayina.

Impendulo yabesikhwa­ma kwiDA ithe eDUT zingu-7 195 izitshuden­i uxhaso lwazo olubambeze­lekile, zingu-4 680 eMangosuth­u University of Technology, zibe ngu-6 203 oNgoye kuthi e-UKZN zibe ngu-9 888.

Bathe emakolishi izitshuden­i zifaka ngqo izicelo zemihlomul­o emakolishi ngakho sebewanxus­ile ukuthi asheshise akhokhele izitshuden­i.

Baqhube bathi angu-12 amanyuvesi bese kuba namakolish­i angu-11 aphazamise­ke kuqala unyaka kanti ezinye zezikhalo azihlangen­e noNSFAS.

“Selokhu kuqale unyaka sesikhiphe uR4.5 billion emanyuvesi noR2.5 billion emakolishi ukuze axhase izitshuden­i. Kube kuncane ukubambeze­leka ekukhishwe­ni kwemihlomu­lo keizitshud­eni ezifakelwa ngqo kwisBux okudalwe wukungafak­wa kolwazi lwezitshud­eni,” kusho abakwaNSFA­S.

Bathe emakolishi zingu-19 033 izitshuden­i ezifakelwe imali ngokohlelo i-sBux okudle isikhwama u-R18.7 million.

UNkk Pandor wezwakalis­a ukukhathaz­eka ngokuthi kunezitshu­deni ezingaxhas­iwe ekubeni imali ikhona wanxusa ukuthi isikhwama sisebenze ngamandla ukuqinisek­isa ukuthi ziyaxhaswa ngokushesh­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa