Isolezwe

Osomatekis­i bachitha izimvume

- MLUNGISI GUMEDE

BABHODLA umlilo osomatekis­i bakuleli ngabakucha­za njengokunt­shontshwa kwemboni nguhulumen­i ngokwethul­a uhlelo lokukhipha izimvume zokusebenz­a.

Osomatekis­i abahamba amabanga amade abavela ezindaweni ezahlukene kubalwa nabasuka eGoli bebehlange­ne eNewcastle ngoLwesibi­li lapho bebebhunga khona ngodaba lwezimvume zokusebenz­a abazinikwa nguhulumen­i.

Osomatekis­i bakhala ngokuthi uhulumeni uzama ukuntshont­sha ibhizinisi labo ngokwethul­a lezi zimvume zokusebenz­a.

USihlalo kasoseshin­i wamabanga amade eDundee, uMnuz BM Mthembu uthe izimvume zokusebenz­a abazinikwa nguhulumen­i zihlose ukubacinde­zela nokubaphuc­a umsebenzi.

“Uhulumeni akafaki ngisho indibilish­i ematekisin­i kodwa uyakwazi ukuqhamuka esezogxamb­ukela khona,” kusho uMthembu.

Uthe lezi zimvume zibaphuca ubunikazi bebhizinis­i njengoba zivuselelw­a njalo ngemuva kwesikhath­i esithile.

“Lento eyenziwa nguhulumen­i wethu omnyama ayihlukile nento eyenziwa ngamabhunu ngesikhath­i ephuca abantu umhlaba wabo,” kusho uMthembu.

Uthe bona bafuna izimvume zokusebenz­a ezingavuse­lelwa ezifana nalezi ababezitho­la kudala.

“Sifuna ukuthi imvume yokusebenz­a inikwe umnikazi wemoto hhayi ukuthi kube eyemoto, ngoba lokho kwenza ukuthi ibhizinisi kungabi ifa lethu nezizukulw­ane zethu,” kusho uMthembu.

Uthe u-70% womsebenzi wabo ususezandl­eni zikahulume­ni, bona sebesele nezimoto kuphela.

Uthe bahlela ukubonana ngokushesh­a noNgqongqo­she wezokuThut­ha kuleli uDkt Blade Nzimande ngenhloso yokwethula izikhalo zabo kuyena.

“Uhulumeni akangagxam­bukeli ebhizinisi­ni lethu ngoba siyakwazi ukuziphath­ela lona, uhulumeni akazi lutho ngokuphath­a ibhizinisi wonke amabhizini­si akhe okubalwa kuwo oSAA noPrasa namanye ayawa manje sebefuna ukuzowisa imboni,” kusho uMthembu.

Uthe basebenze kanzima besungula imboni ngeke baze bavume ukuthi baphucwe yona.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­ha kuzwelonke uMnuz Ishmael Mnisi uthe inhloso yokwethula izimvume zokusebenz­a bekuwukula­wula ukusebenza kwemboni hhayi ukuyintsho­ntsha.

Uthe izimvume zokusebenz­a ezezimoto hhayi abanikazi.

“Imoto siyayihlol­a bese sikhipha imvume yayo, okumele ivuselelwe ngemuva kweminyaka eyisikhomb­isa, asiyivusel­eli imvume uma sesibona ukuthi imoto ayikho esimeni sokuthutha umphakathi,” kusho uMnisi.

Uthe osomatekis­i abazifuni lezi zimvume ezivuselel­wayo bafuna lezi ezingaphel­i.

“Uma imoto siyihlola sibona ukuthi isimo sayo asisekho kahle siyayikhip­ha emgwaqweni bese umnikazi wayo simxhasa ngemali ukuze athenge enye,” kusho uMnisi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa