Isolezwe

UKhongolos­e ukhala ngababhimb­isa izinhlelo zokhetho

- SAMKELO MTSHALI

I-ANC eThekwini ixwayise ngokuthi le nhlangano izolahleke­lwa ngamavoti uma kuwukuthi amalungu anganelise­kile ngezinqumo ezithile ayaqhubeka nokuthuthe­leka ezinkantol­o.

Amalungu ezifunda ezine ze-ANC KwaZulu-Natal aye enkantolo ecela ukuthi kumiswe ingqungqut­hela yokukhetha ubuholi be-ANC eNyuvesi yaseZulula­nd ngempelaso­nto eledlule.

Inkantolo ikumisile ukuba kuqokwe ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal, yathi kufanele ingqungqut­hela ihlale uma sezixazulu­liwe izikhalo zamalungu afake le nhlangano enkantolo.

UNobhala we-ANC eThekwini, uMnuz Bheki Ntuli, uthe ngeke bavume ukuthi kusetshenz­iswe izinkantol­o ukuvimba i-ANC ukuthi ibe nobuholi obufanele KwaZulu-Natal ngoba lokhu kuzodala izinkinga uma sekukhanka­selwa ukhetho.

“Kufanele engabe sesiyakhan­kasa manje futhi sinobuholi baKwaZulu-Natal ukuze abantu bavote. Uma kusenabant­u okuthi uma bengavotel­wanga bese beya ezinkantol­o sizoba nenkinga. Kufanele abantu baqonde ukuthi i-ANC iyona ebalulekil­e esifundazw­eni, hhayi abangani babo, yingakho kufanele sibe nobuholi,” kusho uNtuli.

Uthe amacala asezinkant­olo azoyilimaz­a i-ANC uma isikhankas­a.

“Awukwazi ukukhankas­a ungenabo ubuholi obusemthet­hweni. Uma izinto ziqhubeka kanje ngeke i-ANC ithole izibalo ezinhle okhethweni,” kusho uNtuli.

Uthe amakomidi amabili, ngaphansi kohlaka lwesikhash­ana lwe-ANC KwaZulu-Natal nobuholi bukazwelon­ke, afikile ukuzolungi­sa izingqinam­ba kusasele amasonto amabili ukuthi kuhlale ingqungqut­hela. “Yize ingqungqut­hela yethu ibalulekil­e kodwa abantu kufanele bakhumbule ukuthi kuseza ukhetho ngonyaka ozayo. Abantu abaqinisek­ise ukuthi babeka i-ANC phambili,” kusho uNtuli. UNkk Nocawe Mafu, oyilungu lekomidi eliphezulu le-ANC, uthe bakhathaze­kile ngokwenzek­a KwaZuluNat­al futhi abakawethu­li umkhankaso wokhetho ngenxa yokuthi bamatasa nokulungis­a udaba lwengqungq­uthela engahlalan­ga.

Uthe bathemba ukuthi ingqungqut­hela izobakhona emuva kwamasonto ayisithuph­a ngoba bazobe sebeyile nasenkanto­lo.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa