OweGagasi FM enkonzweni ehlelelwe intsha

Isolezwe - - IZINDABA - CHARLES KHUZWAYO

UMSAKAZI weGagasi FM uNomfundo “The Dazzling One” Mzolo uzobe eshumayela kwindumezulu yenkonzo okuhloswe ngayo ukuhlomisa abantu abasha bebandla iHouse of God eLamontville ngeSonto ekuseni.

UNomfundo wethula uhlelo lwaphakathi nezinsuku ngo-9 ekuseni nolwangeSonto kusukela ngo-6 ekuseni.

Omunye wabagqugquzeli bengqungquthela yentsha yezinsuku ezintathu, uNksz Sindi Nyandeni, uthe iHouse of God Youth Celebration and Business Expo izoqala ngoLwesihlanu nge-All White Worship Night okuzobe kuhaya kuyo imbongi yothando uMxolisi “Zulu Love Letter” Mtshali. I-House of God Church yibandla elasungulwa nguMfu Vusi noNompumelelo Sokhulu

“Umongo wombuthano wezinsuku ezintathu uthi: Your Business is God’s Business, okungahunyushwa ngokuthi: Konke okuqondene nawe, kuyindaba kaNkulunkulu,” Nyandeni.

Uthe umcimbi omqoka owokuhlonyiswa kwabazalwane ngolwazi lokuthi bangawaqala futhi bawasimamise kanjani amabhizinisi abo.

“I-Business Expo izobe ibophele izikhulumi ezivela kwa-Eskom, Durban Chamber of Commerce nase-Ithala Bank. Izobe iyingxenye yezinkonzo ezizoqala ngoLwesihlanu ziphothulwe ngeSonto,” kusho uNksz Nyandeni. kusho uNksz

Uthe inkonzo okuzobe kugqokwe izimpahla ezimhlophe qwa izoqala ngo-6 ntambama, ingqungquthela ngezamabhizinisi iqala ngo-9 ekuseni bese kuthi inkonzo yokubungaza intsha iqale ngo10 ekuseni.

Esephetha uNksz Nyandeni unxuse noma wubani ofisa ukuba sengqungqutheleni avakashele emahhovisi eHouse of God Church eMobeni ku-2 Swinton Road, endaweni ebizwa nge-Easywear noma axhumane nabo ngocingo ku-031 3050 222.

UMSAKAZI weGagasi uNomfundo ‘The Dazzling One’ Mzolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.