Unenkinga kamazisi owalahlwa ngunina
KUWUMQANSA ukuthola umazisi kowesifazane waseMandeni owalahlwa ngunina esemncane njengoba kungacaci ukuthi ubani owamenzela isitifiketi sokuzalwa.
USnenhlanhla Gumede (20) waKwaChappies uthe sekuphele iminyaka emibili ezama ukushaya isitifiketi esingafingqiwe esikhombisa ukuthi ngobani abazali bakhe, esidingeka uma uzoshaya umasizi, singaphumi.
UNksz Gumede uthi wezwa kuthiwa unina nguNksz Nomfundo Phoshile Gumede owayethi ungowaKwaNongoma wamshiya kuNkk Magaret Ngema, enezinyanga ezintathu ezelwe wathi uyabuya uyothenga ubisi, wangaphinde wabuya.
UNkk Ngema wayengunina womngani kaNksz Pretty Zodwa Ngema owayewumngani wakhe ayesebenza naye epulazini, kaMahawukela, elikule ndawo. UNksz Ngema uyena omkhulisile kanti ubemtshela ukuthi uyingane yakhe.
Uze wathola ngemuva kokuthi uNksz Ngema eseshonile ngo-2010 ukuthi kanti akamzali yize ebenazo izinsolo.
Uthe uNksz Ngema ubeshona ezintangeni uma embuza ukuthi ubani uyise ngoba izingane zakubo “ezimelamayo” bezinoyise.
“Ubethi ubaba usebenza kude ngelinye ilanga ngiyombona kodwa ngingakhathazeki. Obekwenza ngibuze ukuthi kungani mina ngibiza isibongo esehlukile kunesakhe futhi asifani nesezinye izingane. Ngezwa ngemuva kokuthi eseshonile ukuthi angiyona ingane yakhe kodwa ngangatshelwa ukuthi ngubani umama,” kusho uNksz Gumede.
Ngo-2016 uthe waya ehhovisi loMnyango wezaseKhaya eyoshaya umazisi, KwaDukuza, watshelwa ukuthi kuzomele ashintshe isitifiketi anaso ngoba sidala. Wasishaya wathenjiswa ukuthi uzothola umyalezo ozomazisa uma sesifikile.
“Ngalinda kwaphela izinyanga eziningi ungangeni umyalezo, ngabuyela khona, ngiyobuza ukuthi kanti kulindwa isikhathi esingakanani. Bangitshela ukuthi imininingwane engibanike yona yomuntu ongikhulisile ayifani nevela kwikhompyutha. Angibuye neminingwane yomuntu owangishayela isitifiketi ngo-2001, ngachaza ukuthi angazi. Kungcono bangitshele ukuthi ubani obhaliwe ngizobatshela uma ngimazi. Bathi akuvumelekile ukukhipha leyo mininigwane. Angazi ukuthi yini okumele ngiyenze.”
UMnuz Cyril Mncwabe imenenja yoMnyango wezaseKhaya KwaZulu-Natal, uthe umnyango usazophenya ukuthi ngokwamaphepha abanawo ngubani owashayela uNksz Gumede isitifiketi.
“Uma sesikutholile lokhu sizobe sesibona ukuthi yini engenziwa ukuze asizakale,” kusho uMncwabe.