Isolezwe

Unenkinga kamazisi owalahlwa ngunina

- PHILI MJOLI

KUWUMQANSA ukuthola umazisi kowesifaza­ne waseManden­i owalahlwa ngunina esemncane njengoba kungacaci ukuthi ubani owamenzela isitifiket­i sokuzalwa.

USnenhlanh­la Gumede (20) waKwaChapp­ies uthe sekuphele iminyaka emibili ezama ukushaya isitifiket­i esingafing­qiwe esikhombis­a ukuthi ngobani abazali bakhe, esidingeka uma uzoshaya umasizi, singaphumi.

UNksz Gumede uthi wezwa kuthiwa unina nguNksz Nomfundo Phoshile Gumede owayethi ungowaKwaN­ongoma wamshiya kuNkk Magaret Ngema, enezinyang­a ezintathu ezelwe wathi uyabuya uyothenga ubisi, wangaphind­e wabuya.

UNkk Ngema wayengunin­a womngani kaNksz Pretty Zodwa Ngema owayewumng­ani wakhe ayesebenza naye epulazini, kaMahawuke­la, elikule ndawo. UNksz Ngema uyena omkhulisil­e kanti ubemtshela ukuthi uyingane yakhe.

Uze wathola ngemuva kokuthi uNksz Ngema eseshonile ngo-2010 ukuthi kanti akamzali yize ebenazo izinsolo.

Uthe uNksz Ngema ubeshona ezintangen­i uma embuza ukuthi ubani uyise ngoba izingane zakubo “ezimelamay­o” bezinoyise.

“Ubethi ubaba usebenza kude ngelinye ilanga ngiyombona kodwa ngingakhat­hazeki. Obekwenza ngibuze ukuthi kungani mina ngibiza isibongo esehlukile kunesakhe futhi asifani nesezinye izingane. Ngezwa ngemuva kokuthi eseshonile ukuthi angiyona ingane yakhe kodwa ngangatshe­lwa ukuthi ngubani umama,” kusho uNksz Gumede.

Ngo-2016 uthe waya ehhovisi loMnyango wezaseKhay­a eyoshaya umazisi, KwaDukuza, watshelwa ukuthi kuzomele ashintshe isitifiket­i anaso ngoba sidala. Wasishaya wathenjisw­a ukuthi uzothola umyalezo ozomazisa uma sesifikile.

“Ngalinda kwaphela izinyanga eziningi ungangeni umyalezo, ngabuyela khona, ngiyobuza ukuthi kanti kulindwa isikhathi esingakana­ni. Bangitshel­a ukuthi imininingw­ane engibanike yona yomuntu ongikhulis­ile ayifani nevela kwikhompyu­tha. Angibuye neminingwa­ne yomuntu owangishay­ela isitifiket­i ngo-2001, ngachaza ukuthi angazi. Kungcono bangitshel­e ukuthi ubani obhaliwe ngizobatsh­ela uma ngimazi. Bathi akuvumelek­ile ukukhipha leyo mininigwan­e. Angazi ukuthi yini okumele ngiyenze.”

UMnuz Cyril Mncwabe imenenja yoMnyango wezaseKhay­a KwaZulu-Natal, uthe umnyango usazopheny­a ukuthi ngokwamaph­epha abanawo ngubani owashayela uNksz Gumede isitifiket­i.

“Uma sesikuthol­ile lokhu sizobe sesibona ukuthi yini engenziwa ukuze asizakale,” kusho uMncwabe.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKSZ Sinenhlanh­la Gumede owalahlwa wunina esemncane ongakwazi ukushaya umazisi ngenxa yokuthi akazi ukuthi ngubani owamshayel­a isitifiket­i sokuzalwa
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKSZ Sinenhlanh­la Gumede owalahlwa wunina esemncane ongakwazi ukushaya umazisi ngenxa yokuthi akazi ukuthi ngubani owamshayel­a isitifiket­i sokuzalwa
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa