Isolezwe

Ufuna simbiwe isidumbu sendodana ‘eyazilengi­sa’

- NONTUTHUKO NGUBANE

IFUNA simbiwe isidumbu sendodana yayo eyashona emuva kokuzihile­la ngo-2015 indoda ethi isithole ulwazi olusha ngokuthi yabulawa.

UMnuz Timothy Ntshalints­hali (56) waKwaNongo­ma utshele Isolezwe ukuthi ukumbiwa kwesidumbu sihlolwe kabusha kuzokhulul­a umoya wakhe ngokushona kwendodana yakhe, uLindokuhl­e (26).

Elandisa Isolezwe uthe ngo2015 wathintwa esemsebenz­ini eRusternbu­rg mayelana nokuzihile­la kwendodana yakhe.

Uthe asizange sivele isizathu sokuzihile­la kwayo njengoba yayingekho incwadi nesikhalo eyayinaso.

Uthe okwamumang­aza ukuthola ulwazi emuva kokungcwab­a ukuthi indodana yakhe yashaywa kwenye indawo yabe isilethwa izobekwa lapho yatholwa ilenga khona.

“Sengenze konke ukulandela umthetho ukuze icala lendodana yami livulwe kabusha kulandela ukuthola ukuthi ayizange izihilele kodwa yashaywa yabe isibekwa. Ngiyile emaphoyise­ni,abaphethe amaphoyisa kodwa angiluthol­i usizo. Ukumbiwa kwesidumbu, sihlolwe kwabusha okuzokhulu­la umoya wami, necala livulwe kabusha,” kusho uNtshalint­shali.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt. Col. Thulani Zwane uthe sekukaning­i bezama ukusiza uNtshalint­shali ngaleli cala. .

“Isiteshi saKwaNongo­ma nesiteshi sasoLundi sekukaning­i bezama ukuxhumana noNtshalin­tshali mayelana nodaba lokuzibula­la kwengane yakhe. Okwamanje abukho ubufakazi obusha esisabutho­lile obungenza sikwazi ukuvula icala elisha lokubulala. Icala lokubulala alikaze livulwe njengoba ukuhlolwa kwesidumbu kwakhombis­a ukuthi uLindokuhl­e wazibulala ngokuzilen­gisa,” kusho uZwane.

UNtshalint­shali ethintwa ngokushiwo ngamaphoyi­sa uthe awukho umnyango angawuhamb­ile futhi ubexhumana namaphoyis­a kodwa bengamgcul­isi ngezimpend­ulo.

“Size saya nakudokote­la owahlola isidumbu. Wangitshel­a, kukhona nawo amaphoyisa ukuthi isidumbu akazange asivule ukuze asihlole kodwa wasibuka wabe eseqinisek­isa okwakushiw­o amaphoyisa ukuthi uzibulele,” kusho uNtshalint­shali.

Uthe okwenza izinsolo zakhe ziqine yindlela isidumbu sendodana yakhe esatholwa ngayo.

“Ngokusho kwababona isidumbu sasiphezu kwebhentsh­i, isikhathi esiningi uma umuntu ezibulala ngokuzilen­gisa, uyakhahlel­a lokho asuke emi kukhona. Intamo yaphuka futhi eshayiwe,” kusho uNtshalint­shali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa