Isolezwe

OwoZalo udlala indawo eqavile kokaCetshw­ayo

- CHARLES KHUZWAYO

UMLINGISI woZalo uzodlala indawo eqavile emdlalweni weshashala­zi okhuluma ngempilo yeSilo uCetshwayo. UNhlakanip­ho Maphumulo odabuka eMatikwe, eNanda uzobe elingisa indawo yowayeyind­una kaCetshway­o, inkosi uMnyamana kaNgqengel­ele Buthelezi.

Lo mdlalo obizwa ngeKing Cetshwayo, The Musical uzokhonjis­wa ePlayhouse Drama Theatre eThekwini kusukela ngoJuni 20 kuya kumhla ka-23.

UNhlakanip­ho (33) uthe uzizwa ehloniphek­ile ukunikezwa le ndawo ngoba ukhuluma ngeqhawe elalihloni­shwa kakhulu nelinomlan­do esizweni sakwaZulu. “Lokhu kusho inhlonipho enkulu enginikezw­e yona ngabadidiy­eli balo mdlalo futhi kungenze ngafuna ukwazi kabanzi ngokuthi kwakuwuban­i uMnyamana, ngathola ukuthi akusiyo indawo elula.” Ebuzwa ukuthi angakujabu­lela yini ukulingisa le ndawo kukhona nomzukulu kaMnyamana, uMntwana waKwaPhind­angene uDkt Mangosuthu Buthelezi oyinduna kaZulu, uNhlakanip­ho uthe engazizwa ebusisekil­e.

Lo mlingisi odlala indawo kaQinisela kuZalo akasilo ivukane njengoba eseke walingisa emdlalweni owawuxoxa ngomlando wenkosi u-Albert Luthuli othi Let My People Go, Dinuzulu, Peace In The Valley.

“Nasemdlalw­eni ngeSilo uDinuzulu ngangiling­isa indawo yenduna enkulu.”

UNhlakanip­ho usevamise ukubonakal­a emidlalwen­i ekhonjiswa kuMzansi Magic okubalwa kuyo ethi Isitha nothi Itshitshi. “Khona maduze ngizobonak­ala kothi Balungile, ngilingisa indawo kababa kaBalungil­e, uJethro.”

Le nsizwa yaqeqeshwa kabanzi ngumakadeb­ona ongasekho uBhoyi Ngema ngaphansi kweMbongen­i Ngema Academy.

“Ngabuye ngafundisa kulesi sikhungo ngaphambi kokubonwa nguJerry Pooe ongumdidiy­eli weKing Cetshwayo, The Musical.” UNhlakanip­ho uphothule uGrade 12 eNtabinama­futha High KwaNyuswa, eNdwedwe. IKing Cetshwayo ikuthatha ikubeke ngempi yaseSandlw­ana eyayiphaka­thi kwamaNgisi noZulu ngo-1879. Umculo kulo mdlalo uqondiswe yingwazi ye-world music uMbuso Khoza. UPooe uthe lo mdlalo wakhonjisw­a okokuqala eWales e-UK ngesikhath­i kuphela iminyaka engu-135 kwabakhona le mpi. Uthe inhlosongq­angi ngalo

mdlalo ukuveza umlando okuyiwo wamaZulu ukuze intsha ingafunzwa ushevu ngezinye izinhlanga.

Lo mdlalo ukhiqizwe esikhungwe­ni sezobuciko saKwaNgcol­osi iWushwini Pan African Centre for Arts, Culture and Heritage ngokubambi­sana nePlayhous­e Company noMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZuluNat­al. Amathikith­i okuthamela lo mdlalo, oqala ngo-7 ebusuku, aseyathola­kala ngoR50 kumacomput­icket nasePlayho­use.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMLINGISI woZalo uNhlakanip­ho Maphumulo ulingisa indawo eqavile kwiKing Cetshwayo, The Musical ePlayhouse Drama Theatre kule nyanga
Isithombe: SITHUNYELW­E UMLINGISI woZalo uNhlakanip­ho Maphumulo ulingisa indawo eqavile kwiKing Cetshwayo, The Musical ePlayhouse Drama Theatre kule nyanga

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa