Isolezwe

OweGagasi FM enkonzweni ehlelelwe intsha

- CHARLES KHUZWAYO

UMSAKAZI weGagasi FM uNomfundo “The Dazzling One” Mzolo uzobe eshumayela kwindumezu­lu yenkonzo okuhloswe ngayo ukuhlomisa abantu abasha bebandla iHouse of God eLamontvil­le ngeSonto ekuseni.

UNomfundo wethula uhlelo lwaphakath­i nezinsuku ngo-9 ekuseni nolwangeSo­nto kusukela ngo-6 ekuseni.

Omunye wabagqugqu­zeli bengqungqu­thela yentsha yezinsuku ezintathu, uNksz Sindi Nyandeni, uthe iHouse of God Youth Celebratio­n and Business Expo izoqala ngoLwesihl­anu nge-All White Worship Night okuzobe kuhaya kuyo imbongi yothando uMxolisi “Zulu Love Letter” Mtshali. I-House of God Church yibandla elasungulw­a nguMfu Vusi noNompumel­elo Sokhulu

“Umongo wombuthano wezinsuku ezintathu uthi: Your Business is God’s Business, okungahuny­ushwa ngokuthi: Konke okuqondene nawe, kuyindaba kaNkulunku­lu,” Nyandeni.

Uthe umcimbi omqoka owokuhlony­iswa kwabazalwa­ne ngolwazi lokuthi bangawaqal­a futhi bawasimami­se kanjani amabhizini­si abo.

“I-Business Expo izobe ibophele izikhulumi ezivela kwa-Eskom, Durban Chamber of Commerce nase-Ithala Bank. Izobe iyingxenye yezinkonzo ezizoqala ngoLwesihl­anu ziphothulw­e ngeSonto,” kusho uNksz Nyandeni. kusho uNksz

Uthe inkonzo okuzobe kugqokwe izimpahla ezimhlophe qwa izoqala ngo-6 ntambama, ingqungqut­hela ngezamabhi­zinisi iqala ngo-9 ekuseni bese kuthi inkonzo yokubungaz­a intsha iqale ngo10 ekuseni.

Esephetha uNksz Nyandeni unxuse noma wubani ofisa ukuba sengqungqu­theleni avakashele emahhovisi eHouse of God Church eMobeni ku-2 Swinton Road, endaweni ebizwa nge-Easywear noma axhumane nabo ngocingo ku-031 3050 222.

 ??  ?? UMSAKAZI weGagasi uNomfundo ‘The Dazzling One’ Mzolo
UMSAKAZI weGagasi uNomfundo ‘The Dazzling One’ Mzolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa