Inselelo kwabeBanyana kweye-Afcon
UMQEQESHI weBanyana Banyana, uDesiree Ellis, uphonsele abadlali baleli qembu inselelo wathi mabazibambe ziqine ukuze iNingizimu Afrika iwine umqhudelwano iWomen Africa Cup of Nations ozoba seGhana ngoNovemba.
IBanyana izibekisele indawo kulo mqhudelwano emuva kokuthela isibhaxu sika 6-0 kwiLesotho kowomlenze wesibili eBloemfontein ngesonto eledlule. Kowomlenze wokuqala ekuhambeni iBanyana inqobe ngo 1-0.
Iqembu lakuleli libhekene nomqansa wokugudluza izinkunzi ezaziwayo okuyiNigeria ezovikela indebe, Ghana neCameroon ukuze liwine i-Afcon elingakaze liyiwine emlandweni. IBanyana izodlala i-Afcon okuka-12 kusukela yadlala lo mqhudelwano okokuqala ngo1995.
Esithangamini nabezindaba eSafa House ngoLwesithathu, u-Ellis uthe iBanyana ingayiwina i-Afcon. Ngo-2014 nango-2016 iBanyana ihlulekile ukufinyelela kowamanqamu. Amaqembu amathathu azoqeda phezulu kwi-Afcon azodlulela kwiNdebe yoMhlaba ezoba seFrance ngonyaka ozayo.
“Kwehlise umthwalo ukuthi sikwazi ukuzibekisela indawo kwi-Afcon. Emlenzeni wokuqala sibhekene neLesotho yayihlezi emuva kodwa sahluleka ukuyigqobhoza. Ngisho nabadlali uqobo basho ukuthi asenzanga kahle. Ngiyajabula ngoba singelinye lamazwe ayisishiyagalombili azodlala kwi-Afcon,” kusho u-Ellis onikwe esokuqeqesha ngokugcwele ngoFebhuwari.
IBanyana inengcindezi ngoba iqembu lika-Under 17, Abantwana, selizibekisele indawo kwiNdebe yomhlaba. Leli qembu eliqeqeshwa nguSimphiwe Dludlu lizogadulisana nezinkunzi okukhona kuzona iBrazil e-Uruguay ngoNovemba. Amazwe azogadulisana kwiAfcon yiNigeria, Algeria, Ghana, Cameroon, Equitorial Guinea, Mali, Zambia neBanyana.
“Iqembu lika-Under 17 selizibekisele indawo kweyomhlaba, lakhombisa lapho kufanele sonke sibheke khona. Ukuya kwiNdebe yoMhlaba yinto okungaboniswana ngayo, kufanele kwenzeke. Ngicabanga ukuthi sekuyisikhathi sokukhokhela iSafa neSasol ngokuseseka ngokungaphezi, nawo wonke umuntu osesekayo. Sekusezandleni zabadlali, bonke bayakwazi okufanele sikusebenzele nokubaluleka kwakho. Ngokubambisana sizokwenza,” kusho u-Ellis.
“Abadlali bagqugquzelekile. Ngo-2014 sihlulekile ukuqeda endaweni yesithathu, ekubeni sinamathuba. Senze okufanayo ngo-2016. Sisebenza kakhulu ekuqedeleni amathuba. Kodwa konke kusezandleni zabadlali ukuthi basebenze ekuqedeleni amathuba ngoba sikhombisile ukuthi siyawakha kodwa asikwazi ukuwaqedela.”
Ngaphambi kokudlala kwi-Afcon, iBanyana izodlala emqhudelwaneni weCosafa ezowusebenzisela ukuhlanganisa iqembu ehlose ukudla ngalo izizwe eGhana.