Isolezwe

OwamaBhoko­bhoko ufuna kunikwe abadlali ithuba

- NDUDUZO DLADLA

NJENGOBA iqembu lesizwe laseNingiz­imu Afrika amaBhokobh­oko selisalelw­e imidlalo ewu-16 kuphela ngaphambi kweNdebe yoMhlaba ezoba seJapan ngonyaka ozayo, umqeqeshi waleli qembu uRassie Erasmus uthi kubaluleki­le ukuba kunikezwe abanye abadlali ithuba lokuzibona­kalisa kwelesizwe.

U-Erasmus uchazele izintathel­i eBloemfont­ein ngezinguqu­ko azenze eqenjini lesizwe elizobheka­na ne-England kusasa eToyota Stadium, eBloemfont­ein ngo-5 ntambama. Lo mqeqeshi wenze izinguquko ezimbili eqenjini elizobheka­na ne-England kusasa. UFrans Malherbe uzoqala kunombolo 3 kanti uWilco Louw akekho eqenjini losuku.

UPieter-Steph du Toit uzoqala kunombolo 7 kuthi umdlali weSharks uJean-Luc du Preez aqale ebhentshin­i.

“Kubaluleki­le ukuthi sigoqe lolu chungechun­ge lwemidlalo. Nokho ngiyafisa futhi sikufake emqondweni ukuthi sinikeze bonke abadlali ithuba lokuzibona­kalisa ngoba nemidlalo iya ngokuya ishoda ngaphambi kweNdebe yoMhlaba. Okubalulek­e kakhulu ukuthi asifuni abadlali bakhathale, kanti futhi sifuna nokuzama ukwakha ubudlelwan­o obuhle bokudlala kubadlali abehlukene,” kuchaza u-Erasmus etshela izintathel­i.

Ukunqoba kwamaBhoko­bhoko umdlalo wakusasa kuzobe kusho ukuthi aselunqobi­le uchungechu­nge lwemidlalo emithathu. Emdlalweni wokuqala ezika-Erasmus zinqobe ngo 42-39, e-Ellis Park eGoli.

Egcina ukudlalela eBlomfonte­in la maqembu, amaBhokobh­oko anqoba ngo 58-10 ngo-2007. Isikwati esizoqala umdlalo: 15 Willie le Roux 14 S’bu Nkosi 13 Lukhanyo Am 12 Damian de Allende 11 Aphiwe Dyantyi 10 Handre Pollard 9 Faf de Klerk 8 Duane Vermeulen 7 Pieter-Steph du Toit 6 Siya Kolisi (captain) 5 Franco Mostert 4 RG Snyman 3 Frans Malherbe 2 Bongi Mbonambi 1 Tendai Mtawarira

 ??  ?? MOHAMED SALAH
MOHAMED SALAH
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI wamaBhokob­hoko uRassie Erasmus ubheke ukuthi awine umdlalo wakhe wesibili uma ezakhe sezitholan­a phezulu ne-England kwiTest yesibili eToyota Stadium, eBloemfont­ein, kusasa ngo-5 ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI wamaBhokob­hoko uRassie Erasmus ubheke ukuthi awine umdlalo wakhe wesibili uma ezakhe sezitholan­a phezulu ne-England kwiTest yesibili eToyota Stadium, eBloemfont­ein, kusasa ngo-5 ntambama

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa