Isolezwe

UBobby nezinhlelo zomqeqeshi

- NDUDUZO DLADLA

IMENENJA yeKaizer Chiefs, uBobby Motaung, ithi abaphathi baleli qembu abasabulal­i ubuthongo belungisa udaba lomqeqeshi omusha nabadlali abasha abazosayin­iswa yiqembu kungekudal­a njengoba sekuphele iminyaka emithathu Amakhosi agcina ukunqoba isicoco.

UMotaung ukhulume kanje izolo ngesikhath­i ememezela abadlali abahlanu abachithwe iziMpofana.

“Siyayazi ingcindezi esinayo kubalandel­i bethu nabaxhasi. Sisebenza kanzima nabaphathi ukufuna umqeqeshi ozothatha iqembu alibuyisel­e kulokhu ebelaziwa ngakho. Sifuna nabadlali abaseqophe­lweni eliphezulu esizobasay­inisa, kwazise sisalelwe amasonto amabili nje vo ngaphambi kokuba kuqale amalungise­lelo esizini entsha ka-2018/2019. Kungakho sibone ukuthi asivule izikhala ngokuthi sidedele abadlali abathile esikholelw­a ukuthi banethalen­te kodwa iChiefs akuselona iqembu lapho bengaveza khona amakhono abo,” kusho uMotaung izolo.

Amakhosi amemezele ukuthi inkontilek­a kaTsepo Masilela ephelayo kule nyanga ayizovusel­elwa. UMasilela ubesehlale iminyaka eyisithuph­a kwiChiefs, wanqoba izicoco ezine okubalwa kuzona nezimbili zeligi.

Leli qembu liphinde laqiniseki­sa ukuthi uWilliam Twala, Edmore Chirambada­re, Keagan Buchanan noSibusiso Khumalo lizozinqam­ula izinkontil­eka zabo. Bonke laba badlali bajoyine iziMpofana ngo2016.

“Sibona iChiefs kuyiqembu elingasaba­fanele kwazise banekhono. Kungakho singafuni ukuma endleleni yabo, sifuna ukuba baveze amakhono abo kwamanye amaqembu,” kusho uMotaung.

Eqhuba uMotaung uthe basezingxo­xweni nomgadli osemncane waleli qembu u-Emmanuel “Adebayor” Letlotlo njengoba eveze ukuthi unesifiso sokuba abolekiswe.

“Sizokwazis­a isizwe uma sesiziqedi­le izingxoxo ngoLetlotl­o,” kuqhuba lesi sikhulu.

Maphakathi nesonto i-Orlando Pirates eyizimbang­i ezinkulu zeChiefs imemezele abadlali abayisishi­yagaloluny­e, esibasayin­isile. Laba abadlali uBrilliant Khuzwayo ophuma kuyona iChiefs, Vincent Pule, Ben Motshwari, Linda Mntambo, Paseko Mako, Asavela Mbekile, Abel Mabaso, Kudakwashe Mahachi noMeshack Maphangule.

IMamelodi Sundowns esanda kunqoba isicoco seligi imemezele u-Andile “Gattuso” Jali ngeledlule. AmaBrazili­ans abembanga neChiefs uJali.

UMotaung uthe amaphaphu phansi kubalandel­i baleli qembu asebezibuz­a beziphendu­la ngokuthi kazi kumi kuphi kwiChiefs njengoba ingamemeze­li mqeqeshi noma abadlali abasha.

“Kungekudal­a sizomemeze­la umqeqeshi omusha, kulandele ngokwethul­a abadlali abasha,” kusho uBobby.

IChiefs izobhekana neSundowns emhlalweni wesihle ngoJulayi 21. Kulo mdlalo kubhekeke ukuthi abadlali abasha bala maqembu bathole ithuba lokuzibona­kalisa ngaphambi kokuthi kuqale isizini entsha ye-Absa Premiershi­p.

 ??  ??
 ??  ?? OBENGUMDLA­LI wasemuva weKaizer Chiefs uTsepo Masilela ungomunye walabo abangeke besaba yingxenye yeqembu ngesizini ezayo Isithombe: BACKPAGEPI­X
OBENGUMDLA­LI wasemuva weKaizer Chiefs uTsepo Masilela ungomunye walabo abangeke besaba yingxenye yeqembu ngesizini ezayo Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa