Injabulo kwiDowns ngoRicardo

Isolezwe - - EZEMIDLALO - LUNGILE MAJOKA

SESILULEME emkhuhlaneni isitobha seMamelodi Sundowns, uRicardo Nascimento, esigqame obala isikhala saso emidlalweni edlule yaleli qembu.

UNascimento waseBrazil uphuthwe umdlalo weSundowns ibhekene neBarcelona kowobungani noweCAF Champions League idlala neHoroya AC ekuhambeni.

Kule midlalo umqeqeshi ubophele uBangaly Soumahoro emuva. Lo mdlali wase-Ivory Coast wenze amaphutha avulele izitha ukuthi zishaye amagoli.

UNascimento ucashunwe kwi-website yeSundowns eveza ukuthi usewulungele umdlalo olandelayo weqembu.

ISundowns izovakashela i-AS Togo yaseTogo emdlalweni kaGroup C weChampions League ngoJulayi 17. Umlenze wesibili walo mdlalo ungoJulayi 27 kuleli.

Ongumxhumanisi weSundowns nabezindaba, uThulani Thuswa, ukuqinisekisile ukuthi uNascimento usengumqemane. “Useluleme. Wayephethwe umkhuhlane. Iqembu lizobuyela ejimini ngoJuni 24 ukuqala amalungiselelo,” kusho uThuswa. Abadlali abasha nabo bazojoyina iqembu ngalolu suku. U-Andile Jali ngumdlali osamenyezelwe yiSundowns ukuthi izoqinisa ngaye iqembu. U-Asavela Mbekile noThabo Nthethe bona balishiyile iqembu. UMbekile umenyezelwe yi-Orlando Pirates njengomdlali wayo omusha kanti uNthethe usezoyibamba kwiChippa United. Laba badlali abazange balinuke ijezi ngesizini edlule kumaBrazilians. UBangaly uke wakuveza ukuthi ufisa ukushiya eChloorkop ayodlala phesheya. Ngesikhathi ekhuluma naleli phephandaba wathi ubona sengathi kuyambambezela ukuhlala kwiPremier Soccer League njengoba enesifiso sokuyodlalela iqembu lesizwe le-Ivory Coast. UPitso Mosimane ekhuluma neminye imisakazo ukuqinisekisile okufunwa yilo mdlali. UThuswa uthe akanalwazi ngalolu daba njengoba naye esaluzwe kwabezindaba.

Eqoqweni layo iSundowns isanamaphuzu amabili kuphela kulandela ukudlala ngokulingana nayo iHoroya neWydad Casablanca.

La maqembu abambene ngamaphuzu amane. Ngesikhathi iSundowns ishukana neTogo nawo azobe ebambene phezulu.

EzikaMosimane kumele nakanjani zinqobe kwiTogo ukuze zizigcine embangweni wokudlulela kuma-quarterfinal alo mqhudelwano. Amaqembu amabili azoqeda phezulu azoya esigabeni somkhumulajezi.

Ngesizini edlule iSundowns ikhishwe yiWydad kumaquarterfinal okuyiyona egcine ingompetha bomqhudelwano.

Isithombe: BACKPAGEPIX

URICARDO Nascimento weMamelodi Sundowns useluleme kanti kubhekeke ukuthi adlale uma sebebhekene ne-AS Togo ngoJulayi 17

THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.