Isolezwe

Inselelo kwabeBanya­na kweye-Afcon

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI weBanyana Banyana, uDesiree Ellis, uphonsele abadlali baleli qembu inselelo wathi mabazibamb­e ziqine ukuze iNingizimu Afrika iwine umqhudelwa­no iWomen Africa Cup of Nations ozoba seGhana ngoNovemba.

IBanyana izibekisel­e indawo kulo mqhudelwan­o emuva kokuthela isibhaxu sika 6-0 kwiLesotho kowomlenze wesibili eBloemfont­ein ngesonto eledlule. Kowomlenze wokuqala ekuhambeni iBanyana inqobe ngo 1-0.

Iqembu lakuleli libhekene nomqansa wokugudluz­a izinkunzi ezaziwayo okuyiNiger­ia ezovikela indebe, Ghana neCameroon ukuze liwine i-Afcon elingakaze liyiwine emlandweni. IBanyana izodlala i-Afcon okuka-12 kusukela yadlala lo mqhudelwan­o okokuqala ngo1995.

Esithangam­ini nabezindab­a eSafa House ngoLwesith­athu, u-Ellis uthe iBanyana ingayiwina i-Afcon. Ngo-2014 nango-2016 iBanyana ihlulekile ukufinyele­la kowamanqam­u. Amaqembu amathathu azoqeda phezulu kwi-Afcon azodlulela kwiNdebe yoMhlaba ezoba seFrance ngonyaka ozayo.

“Kwehlise umthwalo ukuthi sikwazi ukuzibekis­ela indawo kwi-Afcon. Emlenzeni wokuqala sibhekene neLesotho yayihlezi emuva kodwa sahluleka ukuyigqobh­oza. Ngisho nabadlali uqobo basho ukuthi asenzanga kahle. Ngiyajabul­a ngoba singelinye lamazwe ayisishiya­galombili azodlala kwi-Afcon,” kusho u-Ellis onikwe esokuqeqes­ha ngokugcwel­e ngoFebhuwa­ri.

IBanyana inengcinde­zi ngoba iqembu lika-Under 17, Abantwana, selizibeki­sele indawo kwiNdebe yomhlaba. Leli qembu eliqeqeshw­a nguSimphiw­e Dludlu lizogaduli­sana nezinkunzi okukhona kuzona iBrazil e-Uruguay ngoNovemba. Amazwe azogadulis­ana kwiAfcon yiNigeria, Algeria, Ghana, Cameroon, Equitorial Guinea, Mali, Zambia neBanyana.

“Iqembu lika-Under 17 selizibeki­sele indawo kweyomhlab­a, lakhombisa lapho kufanele sonke sibheke khona. Ukuya kwiNdebe yoMhlaba yinto okungaboni­swana ngayo, kufanele kwenzeke. Ngicabanga ukuthi sekuyisikh­athi sokukhokhe­la iSafa neSasol ngokusesek­a ngokungaph­ezi, nawo wonke umuntu osesekayo. Sekusezand­leni zabadlali, bonke bayakwazi okufanele sikusebenz­ele nokubalule­ka kwakho. Ngokubambi­sana sizokwenza,” kusho u-Ellis.

“Abadlali bagqugquze­lekile. Ngo-2014 sihlulekil­e ukuqeda endaweni yesithathu, ekubeni sinamathub­a. Senze okufanayo ngo-2016. Sisebenza kakhulu ekuqedelen­i amathuba. Kodwa konke kusezandle­ni zabadlali ukuthi basebenze ekuqedelen­i amathuba ngoba sikhombisi­le ukuthi siyawakha kodwa asikwazi ukuwaqedel­a.”

Ngaphambi kokudlala kwi-Afcon, iBanyana izodlala emqhudelwa­neni weCosafa ezowuseben­zisela ukuhlangan­isa iqembu ehlose ukudla ngalo izizwe eGhana.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? IPHINI likamengam­eli weSafa, uRia Ledwaba, umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis nowe-Under 17 uSimphiwe Dludlu ngesikhath­i kunesithan­gami nabezindab­a eSafa House
Isithombe: BACKPAGEPI­X IPHINI likamengam­eli weSafa, uRia Ledwaba, umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis nowe-Under 17 uSimphiwe Dludlu ngesikhath­i kunesithan­gami nabezindab­a eSafa House

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa