Isolezwe

Umqeqeshi ukhala ngesigcwag­cwa kwi-PSL

- NDUDUZO DLADLA

UMQEQESHI owazakhela igama kwiMoroka Swallows, uZeca Marques, uthi sekulukhun­i satshe ukuthola umsebenzi emaqenjini angaphansi kwePremier Soccer League (PSL).

Ngokusho kwalo mqeqeshi ngendlela okunzima ngayo ukuthola itoho, usethathe ikhefu lonyaka nohhafu kwezokuqeq­esha wagxila emabhizini­sini.

UMarques, onqobe neZinyoni isicoco seMTN 8 ngo-2012, ugcine ukuqeqesha ngeSantos, egcine ngokugawul­wa yizembe kwiNationa­l First Division (NFD), yehlela kwiABC Motsepe League.

Echazela Isolezwe, uMarques uthe amaqembu angaphansi kwePSL, anezimfuno zawo, nabaqeqesh­i abathize abadingayo. Nakuba engakufihl­i ukuthi ubengakuja­bulela ukucija iKaizer Chiefs noma iSuperspor­t United, uMarques uthe uyazi ukuthi kulukhuni satshe ukuba lokhu kwenzeke.

“Kunzima ukuthola umsebenzi kwiPSL muva nje. Amanye amaqembu anezimfuno ezithize kwezokuqeq­esha. Ngangizosi­faka isicelo sokuqeqesh­a kwiSupersp­ort kodwa ngathola ukuthi kumele ngikhohlwe ngoba bafuna umqeqeshi waphesheya. Ngisola ukuthi ukudliwa yizembe kweSantos kwiNFD yikona okwangifak­ela isigcwagcw­a kubantu abaningi. Okubuhlung­u ukuthi nami ngafica kumapeketw­ana kuyona, kwadla khona ukuthi ngafika umonakalo usudalekil­e ngahluleka ukulungisa isimo,” kusho uMarques oneziqu zokuqeqesh­a ze-Uefa Pro License.

Eqhubeka echaza lo mqeqeshi oke wacija neBlack Leopards eminyakeni edlule, uthe akwehli kahle ukungalith­oli itoho ekubeni engasazi isono sakhe. Uthe kumphatha kabi ukuthi kukhona abaqeqeshi abasanda kuqala ukuqeqesha kodwa abafunwa ngapha nangapha.

Abanye abaqeqeshi abangakawa­tholi amaqembu amasha osekuphele isikhathi bengaseben­zi, uGordon Igesund, Ephraim “Shakes” Mashaba, Jacob Sakala ukusho abambalwa.

“Njengamanj­e nginenkamp­ani ebizwa nge-OneBiz engibambis­ene kuyona nabangani basePortug­al. Umsebenzi wethu ukulungisa izakhiwo nokunye okuningi okuphathel­ene nezakhiwo. Ngingathi nje, njengamanj­e iyona engiziphil­isa ngayo. Uma kuqhubeka kanje, ngizokuyek­a phansi ukuqeqesha,” kusho uMarques.

Uveze ukuthi usenobudle­lwano obuhle nabaphathi beLeopards esanda kukhuphuke­la kwi-Absa Premiershi­p.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI uZeca Marques ukhala ngesigcwag­cwa esenza angawuthol­i umsebenzi wokuqeqesh­a emaqenjini ePSL
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI uZeca Marques ukhala ngesigcwag­cwa esenza angawuthol­i umsebenzi wokuqeqesh­a emaqenjini ePSL

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa